KUZODINGEKA ukuthi iKaizer Chiefs ithole indlela yokugudluza iChippa United koweNedbank Cup ukuze angashabalali amaphupho ayo okunqoba indebe kule sizini.
AMakhosi neChilli Boys bazotholana phezulu emdlalweni we-Last 16 ozodlalelwa eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
IChiefs, okungelinye lamaqembu amakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika, ibhekene nenselelo yokunganqobi indebe cishe eminyakeni eyishumi. Yagcina ukuphakamisa inkomishi ngoMeyi ka-2015 ngesikhathi idla isicoco seligi.
Kusukela lapho abaqeqeshi okubalwa kubona uSteve Komphela, Giovanni Solinas, Ernst Middendorp, Gavin Hunt, Stuart Baxter, Arthur Zwane, Molefi Ntseki noCavin Johnson bazamile ukubuyisa injabulo kuleli qembu lasePhefeni, kwanhlanga zimuka nomoya.
Kule sizini uNasreddine Nabi ofike kuleli qembu ekuqaleni kwale sizini, usededele indebe yeCarling Knockout Cup akhishwe kuyona yiMamelodi Sundowns kuma-quarterfinal.
Ukusala kwaMakhosi ngamaphuzu angu-17 kwiSundowns ezihola phambili kwiBetway Premiership, kusho ukuthi nakuba esenalo ithuba lokuyiwina ngokwezibalo kodwa elikhulu kakhulu lokuqeda isomiso ukunqoba iNedbank Cup.
UNabi akudingeki ukuthi abuyele emuva kakhulu ukuyobheka izithombe zakhe ephakamisa indebe. Lo mqeqeshi odabuka eTunisia, usanda kuthatha ezimbili zeligi ne-Young Africans ngesizini ka-2021/22 kanye ne-2022/23, nezimbili zeTanzania FA Cup kulawo masizini.
Yize lo mqeqeshi emile kwelokuthi kuzothatha isikhathi ukwakha iqembu elizoqophisana neMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates, abalandeli banethemba lokuthi angasheshe abakhulule kule sizini ngokuthola okungenani indebe yomkhumulajezi.
IChiefs izidlulele kalula kuma-amesha, iFree Agents FC, kwi-Last 32 yeNedbank Cup, iwabhuquzisa ngo 4-0. Nokho ukubhekana neqembu elidlala esigabeni esiphezulu kusho ukuthi umdlalo wangoMgqibelo uzobe ukwelinye izinga. IChilli Boys ikhiphe iLamontville Golden Arrows ngo 2-1 emdluliswaneni odlule.
Selokhu iChippa yaqala ukudlala esigabeni esiphezulu ngesizini ka-2012/13, isidlale imidlalo engu-25 neChiefs emiqhudelwaneni ehlukene.
Amakhosi anqobe engu-14, iChippa yanqoba eyisishiyagalombili, kwathi emithathu yaphela zibambene.
Sebehlangane kabili emiqhudelwaneni yomkhumulajezi, yomibili imidlalo yaphela kungaMakhosi ajabulile. IChiefs yanqoba ngo 1-0 bebhekene kuma-quarterfinal eTelkom Knockout ngo-2017, nango 4-2 kowandulela owamanqamu kwiNedbank Cup ngo-2019.
Basabhekane kanye kule sizini emdlalweni wePremiership emdlalweni obuseMoses Mabhida Stadium ngoDisemba. Ngalolo suku uMduduzi Shabalala wajika izitobha zeChippa waze wayolibeka enethini, ezakhe zinqoba ngo 1-0.
Obekumqoka kakhulu kulowo mdlalo wukuthi iChiefs ayizange ingenelwe yigoli okuyinto ejwayele ukuhluleka ukuyenza emidlalweni eminingi kule sizini. Lokhu kufanele ikuphinde ngoMgqibelo uma ifuna ukudlulela phambili, kwazise ayinayo inkinga yokushaya amagoli.