ZAKHELE XABA
UMGADLI waseZambia, u-Austin Muwowo, ubhoboka ngosizi aluthwale kwi-Orlando Pirates emphendule ukudla kwebhentshi.
UMuwowo (25), osebolekiswe kwiSwallows, ufike kweZimnyama ngo-2019 ethwelwe ngeqoma kulandela ukuqokwa njengomdlali ovelele kwelakubo. Nokho ubhekane nobunzima eqiwa yijezi eNingizimu Afrika nokugcine sekwenza iningi lilingabaze ikhono lakhe enkundleni.
"Ngithwale ubunzima kusukela ngo-2019 ngifika ngiphuma eZambia. Abantu kade belindele lukhulu. Ngikwenzile okusemandleni ngifuna ukukhombisa ukuthi kungifanele ukuthola isikimu kwiPirates. Umqeqeshi uRhulani (Mokwena) ubehlala engitshela ukuthi uzongidlalisa kodwa angishiye ngaphandle esikimini. Kufike no(Josef) Zinnbauer wabuza ukuthi kungani ngingadlali. Naye ubengithembisa kodwa angibeke ngaphandle," kusho uMuwowo.
Ekuqaleni kwesizini ka-2021/2022, uMuwowo ubolekiswe kwiSwallows kodwa nakhona ufike lameqa ijezi ngaphansi komqeqeshi uBrandon Truter osexoshiwe. Nokho kubukeka sekuqala ukukhanya kwazise useyalithola ithuba lokudlala ngaphansi komqeqeshi omusha Dylan Kerr nephini lakhe uFani Madida.
"Ngizizwa ngijabule kakhulu. Ngiqala ukuyijabulela impilo ngaphansi komqeqeshi omusha. Ngicabanga ukuthi sizokwenza okuningi. Ngiyazi ukuthi ngizolithola ijezi. Ngizicelele kwiPirates ukubolekiswa ukuze ngidlale futhi ngijwayele iPremier Soccer League (PSL). Uma ngingabala nje, ayidlulanga kweyisihlanu imidlalo engiyidlalile kwiPirates. Iningi layo ngiyidlale kwiCaf," kusho uMuwowo.
Nakuba ebhekane nenhlupheko kwiPirates kodwa uMuwowo usenaso isifiso sokuqhakaza eMzansi njengabanye abakhaya bakhe okukhona kubona uCollins Mbesuma okunguyena omqinisa idolo.
"Angihlulekanga kwiPirates. Anginikwanga ithuba lokuzibonakalisa. Benginikwa imizuzu emithathu kuya kweyisihlanu. Bekunzima kakhulu. Ngethuba engilithola lapha kwiSwallows ngifuna ukukhombisa abantu ukuthi ngingumdlali ophezulu. Ngisho ekhaya abantu sebethi ngigagamele ngokuya kwiPirates. Bacabanga ukuthi kulula ukufika endaweni entsha uphenduke undabuzekwayo. Uma kuphela isizini ngizobuyela kwiPirates ngiphinde ngicele ukubolekiswa," kusho uMuwowo.
UMuwowo kuzomele alwele ukuveza amagalelo akhe kwiSwallows uma sekubuya imidlalo yeligi ngoJanuwari. Leli qembu libalwa nabalekela izembe kwiDStv Premiership, liyamdinga umgadli ozobhakuzisa inethi ukuze kuphele inkinga yalo yokungaboniswa ipali. Izinyoni zisashaye amagoli ayisishiyagalolunye kuphela emidlalweni ewu-18, zadedela awu-20.