UYAQHUBEKA nokuphundla isikwati sakhe umqeqeshi weCape Town Spurs, u-Ernst Middendorp, onegcindezi yokususa leli qembu emsileni we-log yeDStv Premiership.
UMiddendorp ugixabezwe ngomsebenzi kwiSpurs ngenyanga edlule ngenxa yamagalelo nomlando wakhe wokutakula amaqembu antengantengayo kwiPremiership.
Emidlalweni yePremiership emibili asayihlale ebhentshini, iSpurs ayikawini nowokubika. Ihlulwe yiRoyal AM ngo 2-1, yakhala ngaphansi komakhelwane iStellenbosch ngo 3-0.
Maphakathi nesonto, kuvele ukuthi iSpurs isihlukene nomdlali uBradley Ralani osayine inkontileka yonyaka onombandela wokuyelula ngomunye kuleli qembu ngo-Okthoba. Leli phephandaba lihoshe ukuthi uyalandela nonozinti uSam Ramsbottom wase-England osetsheliwe ukuthi ngeke aphinde alidlubhe ijezi leSpurs. URamsbottom, ofike eKapa ngo-Agasti, uyena obevimbile ngesikhathi behlulwa yiStellies.
Imenenja yeSpurs, uShoes Mekuto, ikuqinisekisile ukuthi ukuthi uRalani usehambile.
“URalani akaseyona ingxenye yeqembu kodwa angifuni ukwenaba kakhulu ngendaba yakhe. Abaqeqeshi babona izinto ngezindlela ezingafani. URamsbottom wazisiwe ukuthi ngeke esadlala kwiSpurs. Sekusezandleni zakhe ukuthi uyahlala yini ajime. Kodwa isinqumo sesithathiwe esokuthi ngeke esaba yingxenye yeqembu. Siyameseka umqeqeshi kuzona zonke izinqumo azithathayo ukuze aphumelele. Awukwazi ukuletha umqeqeshi kodwa ungameseki,” kusho uMekuto.
Emuva komdlalo neStellies, uMiddendorp uzwakalise ukunganeliseki ngokwenziwe ngabadlali bakhe enkundleni. Ufake uRalani esiwombeni sesibili.
“Emuva kokungena kwegoli lesibili kubonakele kukhula ukudinwa kubadlali. Amabhola alula kade engasalawuleki. Emizuzwini engu-20 kuya kwengu-25 yokugcina kade sekunomehluko omkhulu phakathi kweqembu nento ongayibiza ngenhlanganisela yabadlali. Amaphutha abadlali ngabodwana ayinto enkulu.
“Umqondo, ukuphasa nokugcina ibhola engxenyeni enkulu yezitha kade kungasekho. Esikhundleni sokuphasa phambili kade kuphaswa emuva. Kunalo mqondo ongaqondakali. Uphambili, unethuba elihle, uphambi kwabadlali basemuva bezitha kodwa usafikelwa wumqondo wokujika ubheke ipali langakini,” kukhala uMiddendorp.
ISpurs isendaweni ka-16 kwi-log ngamaphuzu amathathu emuva kwemidlalo engu-13. Isawine kanye kuphela ngesikhathi ishaya i-Orlando Pirates ekuqaleni kukaNovemba. Emdlalweni olandelayo weligi, iSpurs izovakashela iMamelodi Sundowns ngoLwesithathu eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.