UMQEQESHI weRoyal AM, uDan "Dance" Malesela, ufuna baye ekhefini leFifa beyinqobe yonke imidlalo ukuze bangabi nengcindezi.
Ukhuluma kanjena nje ngempelasonto ezakhe zibuye namaphuzu agcwele zishaya iSekhukhune United ngo 2-1 kowe-DStv Premiership, ePeter Mokaba Stadium.
Iqhawe kulo mdlalo kube uMfundo "Mfana kagogo" Thikazi oshaye amagoli amabili esiwombeni sesibili. Elokubika leSekhukhune lishaywe uSiyabulela Shai. IRoyal AM iye kulo mdlalo iphuma ekuwashisweni ijezi i-Orlando Pirates kwiMTN 8.
Nokho kowandulela oweZimnyama yayishaye iMaritzburg United koweligi.
Kusasa ezikaMalesela zizodlala nomkhaya bazo iRichards Bay, ngo-5 ntambama, eChatsworth Stadium, eThekwini.
NgoSepthemba 11 zizobe sezidlala neMbabane Highlanders yaseSwazini kowokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo eCaf Confederation Cup, eSomhlolo National Stadium.
Umlenze wesibili uzoba ngoSepthemba 16, eMoses Mabhida Stadium.
Uma kuphela le midlalo kuzobe sekuba ikhefu leFifa elingoSeptemba 19-27, lapho kuzobe kudlala amaqembu esizwe.
"Kuyasiphoqa ukuthola amaphuzu emdlalweni weBay. Emuva kwawo kuzoba imidlalo yeCaf bese kuba ikhefu. Nakuyo iCaf sizimisele ngokwenza kahle ukuze sizodlulela esigabeni esilandelayo. Nasekunqobeni kwiBay kuzosisiza kakhulu uma kubuywa.
"IBay iyiqembu elinabadlali abasebancane, abagijimayo. Kulo mdlalo kungenzeka senze izinguquko. Sinabadlali ebesibashiye ekhaya nabangadlalanga koweSekhukhune. Kumele sibanike ithuba ukuze laba abebedlala baphumule. Kwesinye isikhathi uke uthi uyamphumuza umdlali anqabe. Njengoba sengishilo sizobona ukuthi simisa kanjani," kubeka uMalesela.
Mayelana nendlela abadlale ngayo koweSikhukhune, uthe: "Umdlalo weSikhukhune siwuqale kabi, senze amakhona amaningi singekho isidingo. Besikwenkulu ingcindezi, besizenzela thina umsebenzi onzima. Esiwombeni sesibili sizamile ukubuya. Sisizwe kakhulu ushintsho lwabadlali esilwenzile. Nakhona besingadlali ibhola elihehayo kodwa besingcono kakhulu. Nokho zikhona iziwombe ezimbalwa lapho besidlala ngokukhululeka, siphasa ibhola ngendlela esifuna ngayo. Engikuqaphelile ukuthi ibanga elide esilihambile libakhathazile abadlali bami. Ngijabule kakhulu ngokuthola amaphuzu amathathu. Azobuyisa ukuzethemba kubadlali.“
Lo mqeqeshi ube esebongela uThikazi nonozinti wakhe uPatrick Nyame ngokudlala kahle.
"Sijabule kakhulu ngoThikazi ngokushaya lamagoli amabili. Kunesikhathi lapho ebengithi uzoshaya amathathu. Lokhu kudlala kwakhe kuzolisebenzela kakhulu iqembu.
"UPatrick uhlale ezimisele, udlale kahle kakhulu koweSekhukhune. Kuyishwa nje ukuthi emdlalweni weSekhukhune ungenelwe igoli. Besingenaye emidlalweni edlule ngenxa yokuthi besifuna ukunika abanye ithuba.“