OMUNYE wabaqeqeshi abaphakamisa igama leNingizimu Afrika emhlabeni, uRoger De Sa, usishayele ihlombe isinqumo, sikaSteve “Mphathi” Komphela, sokushiya kwiMamelodi Sundowns wajoyina iMoroka Swallows.
Uthe lokhu ngeke kusize iSwallows kuphela kodwa kuzozuza nebhola lakuleli.
UKomphela wuyena ozobe ehola iSwallows kusukela kule sizini ezoqala emva kokushiya kwakhe kungalindelekile emafutheni eSundowns lapho ebesiza inhloko yabaqeqeshi, uRhulani Mokwena.
UDe Sa, oke wahamba waze wafika kweyamanqamu yeCaf Champions League ne-Orlando Pirates, utshele Isolezwe ukuthi isinqumo sikaKomphela sikubeka obala ukuthi uyinsizwa ziphelele futhi akanankinga nokuzimela.
Ngokwalo mqeqeshi oseke waya kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), neqembu lesizwe lase-Egypt nakoweNdebe yoMhlaba nelase-Iran, asikho isidingo sokuthi abaqeqeshi bohlobo oluphambili babe sebhentshini elilodwa.
Okwenza uDe Sa, akhulume ngale ndlela wukuthi bekuvele kunemvunge ngebhentshi leSundowns, okukhona kulona uManqoba “TV” Mngqithi naye okunababona kufanele amlandele uKomphela ayozimela.
“Okwenziwe wuKomphela eshiya lapho ebengenangcindezi khona kuphinde kwangikhumbuza ukuthi uyinsizwa kangakanani, kwazise sisondelene kangangokuthi sithathana njengabangani,” kusho uDe Sa.
“Ngendlela izinto ezenzeka ngayo kwiSundowns, omunye umqeqeshi ubezocabanga kaningi ngokushiya kodwa ngoba uKomphela uyilolu hlobo lomuntu ongenankinga nokubhekana nezingqinamba, ukhethe ukuyoqala okwakhe kwiSwallows.
“Iyangikitaza le ndaba yeSwallows nakho konke okwenzeka kuyona kodwa ukufika kukaKomphela nohlobo lwabadlali luyahehe kwiSwallows ngenxa yakhe. Kwenza thina sonke esixhumene naleli qembu ukuthi sibuyelwe yithemba,” kuqhuba yena.
UDe Sa ubona kuzoqinisa iDStv Premiership ukuthi uKomphela usekwiSwallows.
“Umbono wami uthi asikho isidingo sokuthi abaqeqeshi esisabheke lukhulu kubona siyizwe, bonke babe seqenjini elilodwa.
“Lokhu kungumbono wami kodwa ngiyakholelwa ekutheni uma abaqeqeshi abangcono ezweni besemaqenjini ahlukene, kuqinisa iligi kuphinde kuvulele iBafana Bafana ithuba lokuba nomqeqeshi ophekwe ekhaya futhi onawo wonke amava adingekayo,” kuphetha uDe Sa.