USIHLALO weCape Town City, uJohn Comitis, uzwakala esekulungele ukudedela umdlali wakhe ophambili uMduduzi Mdatshane, okunemibiko yokuthi ufunwa yiKaizer Chiefs.
UMdantsane, oseshaye amagoli amaningi kunabo bonke abadlali emlandweni weCity (20), sekunesikhathi eside kuvela ukuthi uyafuneka eNaturena, kodwa agcine engadayiswanga.
Kunalokho iCity inqume ukusebenzisa umbandela wokwelula ngonyaka inkontileka yakhe. Isizophela ngoJuni 2024. Ngaphandle kukaMdantsane, iCity kade ixinwe yimibiko yokuthi iMamelodi Sundowns ifuna umgadli, uKhanyisa Mayo. Ngesikhathi kuvela izindaba nyakenye, uComitis uzichithile wathi unezinhlelo ezinkulu ngoMayo okubalwa nezokumdayisa phesheya kwezilwandle. Kodwa engxoxweni nephephandaba izolo, uzwakale esethambile.
"Okwamanje akukho okwenzekayo. Silinde ukuthi kuphele isizini. Emuva kwalokho sizobe sesithatha isinqumo ngabadlali. Okwamanje sinika bonke abadlali ithuba lokuzibonakalisa enkundleni kule midlalo eyisihlanu esele ngaphambi kokuphela kwesizini. Izinkulumo zikhona ngabadlali bethu kodwa ngeke sikukhulume lokho kuze kube khona osiqondayo akhulume nathi. Okwamanje alikho iqembu eselike langithinta mayelana nabadlali. Konke kusengamahlebezi nje. UMdantsane noMayo ngabadlali bethu. Konke kuzocaca uma sesiqede imidlalo. Okwamanje ngifuna bagxilise imiqondo yabo kulokho. Asitatazeli uma sidayisa abadlali. Sibheka kuqala abazovala izikhala zabo," kuchaza uComitis.
Ngaphandle kwabadlali angase abadayise uComitis, usabambe umoya ngoLyle Lakay abamboleke kwiSundowns, ngesikhathi beyidayisela uTerrence Mashego ngoJanuwari. Uthe yize bemdinga kodwa basayicubungula indaba yakhe futhi bazozwa ukuthi iSundowns ithini ekupheleni kwesizini.
ICity isendaweni yesihlanu kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-35 emuva kwemidlalo engu-25. Isele ngamaphuzu ayisithupha kwiChiefs esendaweni yesine ngawu-41.
"Sifuna ukuqeda sibalwa namaqembu amane aphezulu. Sinethemba lokuthi sisengafinyelela endaweni yesithathu sizibekisele indawo kwiCaf. Kufanele sivale igebe lamaphuzu phakathi kwethu neChiefs. Okuhle wukuthi sisazodlala nabo bobabili iChiefs nePirates. Sifuna ukuthola amaphuzu kubona bobabili," kusho uComitis.
NgoMgqibelo ngo-3 ntambama, iCity izovakashela iPirates emdlalweni weligi e-Orlando Stadium, eSoweto. Izovala isizini ngeChiefs eFNB Stadium ngoMeyi 20.