USIHLALO weCape Town City, uJohn Comitis, ubheke isinqumo somdlali uThulani “Cream” Serero, oziqeqesha naleli qembu laseKapa.
USerero osedlale emaqenjini ahlukene phesheya kwezilwandle nakwiBafana Bafana, kusabalale ukuthi ujima neCity ngenhloso yokusayina kuyona. Wagcina ukudlala kwiBetway Premiership ngo-2012 eyibamba kwi-Ajax Cape Town ngaphambi kokuthengwa yi-Ajax Amsterdam yaseNetherlands ekade ewine umklomelo wePSL Player of The Season. UComitis wayengomunye wabaphathi be-Ajax Cape Town ngaleso sikhathi futhi iqeqeshwa nguMuhsin Ertugral osepheka iCity. Konke lokhu kuzwakala kungenza uSerero abone iCity njengekhaya lakhe. Lo mdlali ugcine ukudlala kwiKhor Fakkan e-United Arab Emirates.
UComitis uthe nakuba uSerero esafuna ukubuyela phesheya kwezilwandle kodwa bangakujabulela ukumsayinisa.
“Ufike lapha eKapa wacela ukuziqeqesha nathi kodwa ngathi isifiso sakhe wukubuyela e-Europe lapho umndeni wakhe uhlala khona. Usahlolisisa nase-Middle East ekhona amaqembu angawadlalela khona. Kodwa nathi siyamfuna lapha. Ngubani ongeke athande ukuba noThulani eqenjini lakhe. Kodwa ke okwamanje asikakhulumi naye mayelana nokumsayinisa. Sizohlala phansi naye ngemuva komdlalo (bazodlala neChippa). Sizobona emuva kwalokho ukuthi kwenzekani nokuthi yena ufuna ukwenzani,” kusho uComitis.
Akubuzwa ukuthi ukuthola uSerero kweCity kungasiza inyuke kwi-log yeBetway Premiership. I-The Citizens isendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-21 emuva kwemidlalo engu-17. Akubuzwa ukuthi izobheka ukucosha amaphuzu kwiChilli Boys emdlalweni ezoba seCape Town Stadium namuhla ngo-7.30 ebusuku. ICity iqale kahle ngaphansi kuka-Ertugral, ishaya iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ngokulandelana kodwa yawulahla umgqigqo ngokuhamba kwesikhathi.
“Ngesikhathi esanda kufika umqeqeshi, konke kuhambe kahle sishaya amaqembu amakhulu. Ngenxa yokuthothana kwemidlalo, umqeqeshi uthwale kanzima ukuthola isikhathi sokuliqeqesha iqembu. Kodwa siyathembela kuMuhsin, uzokubuyisa ukuzethemba eqenjini. Sibhekene neqembu elinzima, iChippa, kodwa sinethemba lokucosha amaphuzu amathathu,” kubeka uComitis.