UMQEQESHI weBafana Bafana ogile izimanga enganikwe lutho kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ephele ngempelasonto, uHugo Broos, ubhoboke ngakuchaze njengokucishe kwamphoqa ukuba asishiye phansi isikhundla sokuqeqesha leli qembu lesizwe ngo-2022.
UBroos odabuka kwelaseBelgium uzifake ezinhliziyweni zabathandi bakanobhhutshuzwayo baseNingizimu Afrika ngokubuyisa isithunzi seBafana kwi-Afcon osekungumlando ukuthi ilale isithathu kuyona.
Lo mqeqeshi othathe indawo, kaMolefi Ntseki, ngo-2021 ucishe walilaxaza leli qembu ngo-2022 kulandela umphumela elawuthola kowobungani neFrance ekuhambeni.
IBafana yatalajwa iFrance ngo 5-0 kowobungani okulandelwe ukugxekwa kwalo mqeqeshi obesolwa ngokugxumela ompetha bomhlaba ekubeni iBafana isahlulwa amazwe athathwa njengamancane.
NgokukaBroos, kumethusile lokhu kugxekwa ngoba ubezitshela ukuthi abathandi bakanobhutshuzwayo bakuleli bazokuthakasela abekwenza kwazise wacishe wafaka leli qembu lesizwe koweNdebe yoMhlaba enezinyanga ezimbalwa ewuqalile umsebenzi.
Kusale kancane ukuthi uBroos afake iBafana koweNdebe yoMhlaba ebiseQatar ngo-2022 kodwa yakhala ngaphansi kwiGhana emdlalweni obekufanele iwunqobe noma yikanjani ekuhambeni.
Obekuseqhulwini kwabebemgxeka ngakho bekungekhona ukugxumela iFrance kepha iningi belinenkinga ngohlobo lwabadlali uBroos abelubizela kwiBafana. UNyiko Mobbie uyena obenebhadi lokuba nyamanambana kubalandeli. Emuva kwalo mdlalo, iphini likaBroos, Cedomir Janevski layifulathela iNingizimu Afrika. Lokhu kushiye lo mqeqeshi noHelman Mkhalele kuphela ebhentshini.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba ebesihlelwe yiCaf emuva kokuklonyeliswa kweBafana ngendondo yokuba iqembu lesizwe eliziphathe kahle kunawo wonke kwi-Afcon, iFair Play Award, uBroos usebenzise ithuba ngokubhoboka ngalokhu.
‘’Angiyena umuntu oshiya kalula kodwa kunesikhathi lapho kusale khona kancane ukuthi ngiwulaxaze umsebenzi kwiBafana kulandela umdlalo weFrance noweMorocco wokuhlungela i-Afcon,’’ kusho uBroos.
‘’Ngiyazazi ukuthi ngiyakwazi ukumelena nezimo ezinzima futhi bekusenhliziyweni yami ukwenzela iNingizimu Afrika okuhle ngeBafana kodwa kuke kwafika lapho kungisinda khona ngale ndlela yokuthi kusale kancane ukuthi ngisule.
‘’Kusizile ukuthi nginenkani ngoba yize belikhona izwi elithi bashiye phansi laba bantu bafuna okukhulu kakhulu nezinto abazikhuluma ngawe neqembu lakho azimnandi kodwa ngaqinisela. Buka manje sihambela phezulu ngenxa yento enhle esiyenze ndawonye.
‘’Ngiyasijabulela isinqumo sami ngoba sikuleli zinga esikulona nje ingenxa yezifundo esizithole emidlalweni efana neyeFrance. Namuhla sineqembu elibunjwe ngabadlali abangakungabazi ukuthi akekho umdlali abangeke babhekane naye emhlabeni okuyinto sonke ebesiphupha ngayo phambilini,’’ kuphetha uBroos.