UNOZINTI weKaizer Chiefs, uBruce Bvuma, uvule isifuba ngobunzima nobuhlungu benhliziyo adlule kubona ngesikhathi eqiwa yijezi kuleli qembu ezinyangeni ezidlule.
UBvuma (28) ukhulele ezinkulisa zeChiefs lapho ekhushulelwe khona esikimini esikhulu ngesizini ka-2016/2017.
Lo nozinti okuvela ukuthi inkontileka yakhe okufanele iphele ngoJuni izokwelulwa ngeminye iminyaka emibili, ubalwa nabanye ababukwa njengabeBafana Bafana
Nakuba kuqale kahle kuBvuma kwiChiefs kodwa kunesikhathi lapho eke wahlala khona isikhathi engabonakali ekubeni engalimele. Ngaleso sikhathi umbango wejezi ubuphakathi kukaBrendon Petersen no-Itumeleng Khune. Ukungadlali kwakhe kwiChiefs kumlahlekisele ngendawo kwiBafana.
NgoNovemba nyakenye, uBvuma ubonakale okokuqala ezintini zeChiefs emdlalweni weDStv Premiership ezinyangeni ezingu-15 lapho Amakhosi enqobe khona ngo 1-0 kwiMoroka Swallows. Lokhu kwenzeke izintambo zokuqeqesha sezinikwe umqeqeshi uCavin Johnson.
Kusukela ebuyile uBvuma, usalilande kanye igoli emidlalweni ayidlalile ilandelana.
Ngesikhathi uBvuma ekhuluma nabezindaba eMqhele Secondary School, e-Ivory Park, eTembisa lapho iChiefs nabaxhasi bayo bakwaVodacom bebenomcimbi khona wokunikela ngezicathulo zesikole ngeledlule, ubhoboke ngobunzima abhekane nabo ngesikhathi engadlali.
“Obekunzima kunakho konke wukuthi yize bengiqonda ukuthi bekufanele ngilinde ithuba lami kodwa bekumele kube imina futhi ozikhuthazayo,” kusho uBvuma.
“Kuyangijabulisa ukubuyela enkundleni kwazise bese siside isikhathi ijezi lingeqa ngikhona futhi ngingalimele ndawo.
“Impilo ikhulisana ngezindlela eziningi ngakho-ke ukulinda kwami sekuphelile. Osekusele ukuthi ngiqhubeke nokusebenza ngendlela ebengivele ngizikhandla ngayo,” kulandisa yena.
UBvuma uthe ukuba unkosikazi wakhe ubengameseki, mhlawumbe ngabe kukhulunywa okunye.
“Kubona bonke ubunzima engidlule kubona unkosikazi wami ubelokhu ekhona. Uyena owazi bonke ubuhlungu bami nezinyembezi zami. Ngibuya esimweni esinzima kodwa ubelokhu emile ekutheni aseshlise umoya silinde.
“Ngaphandle kukankosikazi wami, angazi ukuthi ngabe ngidlule kanjani kulesi sikhathi ngoba besingihaqe umqondo kanjalo nenhliziyo.
“Abemi ngakho ukuthi ngingalokothi ngehlise ekusebenzeni kanzima ukuze lithi uma lifika ithuba lami lingifice ngililungele ngazo zonke izindlela njengoba kugcine kwenzekile,” kuphetha uBvuma.
IChiefs izobuyela enkundleni ngoFebhuwari 13 uma seyamukela iTS Galaxy kowePremiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.