XOLILE MPISANE
YIZE isasasa lemdlalo yeBetway Premiership likhula masonto onke njengoba le ligi isizongena emzuliswaneni wesibili, into ebuye idale ibohlololo udaba lokumiswa kwemidlalo yeRoyal AM.
IThwihli Thwahla yagcina ukudlala ngoDisemba 29 nyakenye, lapho yashaywa khona yiTS Galaxy ngo-3-1 emdlalweni weligi.
Kusukela lapho, leli qembu libhekane nezinselelo zemali, okuholele ekumisweni kwayo yonke imidlalo yalo.
Abaqoqi bentela iSARS bafake leli qembu ngaphansi komlawuli, uJaco Venter, ngenxa yesikweletu esikhulu sentela okubikwa ukuthi silinganiselwa ku-R40 million.
Lokhu kwaholela ekutheni lihluleke ukukhokhela abadlali nabanye abasebenzi imiholo kaDisemba nyakenye. Abadlali baphendule ngokungalubhadi ejimini, kwaphoqeleka ukuthi uhlehliswe nomdlalo okwakufanele bawudlale neChippa United ngasekuqaleni kukaJanuwari.
Kubonakale sengathi izinkinga sezilungisiwe maphakathi nenyanga edlule, sekubhekwe ngabomvu ukuthi leli qembu lika-Shauwn “MaMkhize” Mkhize litholane phezulu ne-Orlando Pirates emdlalweni weBetway Premiership ngoJanuwari 23.
Nokho, kuthe sekusele usuku umdlalo udlalwe, iPremier Soccer League (PSL) yakhipha isitatimende idalula isinqumo sayo sokumisa yonke imidlalo yeRoyal AM kuze kube yilapho iqembu liyinikeza isiqiniseko sokuthi linawo amandla okufeza izibopho zomdlalo.
Kusukela lapho sekuhlehliswe umdlalo weLast 32 yeNedbank Cup okwakufanele liwudlale neMilford FC nemidlalo yeligi neMarumo Gallants, Stellenbosch FC neLamontville Golden Arrows.
Okuqaphelekile muva nje ukungaphawuli kwePSL ngalesi simo okungenzeka sidale izinkinga ekuhlelweni kwemidlalo, ikakhulukazi eyeNedbank Cup.
Ngesikhathi amaqembu azodlala kwiLast 16 yalo mqhudelwano womkhumulajezi eqhathwa wodwa ngoJanuwari 29, kwavela ukuthi iSekhukhune United izobhekana nelizonqoba koweLast 32 phakathi kwe-AM neMilford, nakuba kungacaci namanje ukuthi lowo mdlalo uzodlalwa nini.
I-PSL iqhubekile yamemezela izinsuku kanye nezinkundla okuzodlalelwa kuzona imidlalo yeLast 16, lapho iveze khona ukuthi uSekhukhune sizovakashela eHarry Gwala Stadium noma ePrincess Magogo Stadium ngalo Mgqibelo ozayo, ngoFebhuwari 15.
Lokhu kusho ukuthi namanje iBabina Noko ayikazi ukuthi yiliphi iqembu ezodlala nalo kulowo mdlalo.
Ebuzwa ngalolu daba, umqeqeshi weSekhukhune, uLehlohonolo Seema, uthe okwamanje bagxile emdlalweni wakusasa ntambama weligi neSuperSport United.
“Angididekile ngalutho. Engikubheke ngabomvu umdlalo wangeSonto neSuperSport, angazi ukuthi sizodlala nobani ngemuva kwalokho. Ngigxila emdlalweni owodwa ngesikhathi,” uphendule kanje uSeema.
Njengoba zihamba izinsuku, wonke amehlo athe njo kwiPSL ukuthi iphumele obala ngamagxathu ewathathayo ukuze imidlalo yeligi neyeNedbank Cup iqhubekele phambili, kungabibikho ababala amaphuzu abangenawo.