UMDLALI wasemuva kwiMagesi FC, uMzwandile “Gravel” Buthelezi, ubona benethuba lokusuka emsileni we-log yeBetway Premiership uma benganqoba imidlalo emibili kwemine ebasalele ngaphambi kokusonga umzuliswano wokuqala wesizini.
IMagesi esabambe ibhuleki kwi-log yePremiership, ibuye nephuzu emdlalweni wokuqala ewudlale ngaphansi kobuholi buka-Owen Da Gama ongumqeqeshi omusha. Ibambane ngo 0-0 neTS Galaxy eMbombela Stadium, eNelspruit, ngempelasonto edlule.
Leli qembu elingompetha beCarling Knockout, laligcine ngo-Okthoba 30 ukubuya nephuzu libambana ngo 2-2 neKaizer Chiefs koweligi.
NgoMgqibelo, iMagesi izokwamukela AmaZulu FC kowePremiership ngo ngo-3.30 ntambama, e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.
“Ukuthola kwethu iphuzu sidlala neTS Galaxy ngingasho ngaphandle kokungabaza ukuthi kubuyise ukuzethemba kithina singabadlali njengoba namanje nje ekhempini umoya wokuphokophelela umdlalo olandelayo uphezulu.
Bese kunesikhathi singabuyi naphuzu imidlalo emine ilandelana kusukela sawina indebe yeCarling Knockout, okuyinto ebisiqala ukusikhathaza. Izinga lokuzethemba bese liqala ukwehla kithina ngenxa yokungalungi kwezinto sizama,” kusho uButhelezi, odabuka eCooper Farm, eNyanyadu, eDannhauser.
“Ngingasho ngithi selokhu efikile umqeqeshi u-Owen (Da Gama) into ayigcizelela kakhulu ejimini wukuthi silwele ukungangenelwa ngamagoli okuyinto esisebenzele emdlalweni wangoMgqibelo sidlala neTS Galaxy. Akukhona ukuthi ugcizelela ukuthi sivale emuva kuphela njengoba ekugqugquzela nokuthi sikhahlelele ipali uma amathuba evela kodwa ukubeka phambili ukugcina isakhiwo nokuqinisekisa ukugwema amaphutha angenasidingo odongeni lwasemuva.”
IMagesi ihlezi emsileni kwi-log yePremiership ngamaphuzu ayisikhombisa kuphela emidlalweni engu-11.
“Sisenalo ithuba lokusuka emsileni, uma nje singanqoba noma emibili kule midlalo emine esisalele ngaphambi kokuqeda umzuliswano wokuqala.
Umgomo wethu owokuthi sinqobe emibili kule midlalo emine esisalele, okuyinto esingayenza yize kungeyona imidlalo elula. Izinga lokuzethemba liya ngokuya lenyuka kancane, kancane. Esikudingayo nje wukuwina umdlalo bese kulunga izinto.”
Ngaphandle komdlalo wangoMgqibelo naMaZulu, iDikwena tsa Meetse isalelwe yimidlalo emithathu ebukeka ingenzima okungoweMamelodi Sundowns (ekhaya), Richards Bay FC (ekuhambeni) neChippa United (ekhaya), ngaphambi kokusonga umzuliswano wokuqala.