KUTHATHE isikhathi ukuthi akwazi ukukhuluma nabezindaba umgadli oshaye igoli elinqobise i-Ivory Coast isicoco se-Africa Cup of Nations, uSebastien Haller, ngenxa yokuthi uvele wafikelwa wumunyu.
UHaller ulivalele phakathi ngomzuzu ka-81 igoli elenze i-Elephants yaqumba phansi iNigeria ngo 2-1 kowamanqamu e-Alassane Outtara Stadium ngeSonto ebusuku.
ISuper Eagles ibihambe phambili ngegoli likaWilliam Troost-Ekong esiwombeni sokuqala, iqembu lasekhaya lalinganisa ngelishaywe nguFranck Kessie ngomzuzu ka-62.
Ngo-2022, uHaller ogijima kwiBorussia Dortmund kwatholakala ukuthi unomdlavuza wamankwahla esanda kusayina kuleli qembu laseGermany, esuka kwi-Ajax yaseNetherlands.
Uhlale cishe izinyanga eziyisithupha engadlali, elashwa esibhedlela. Wahlinzwa kabili waphinde welashwa nge-chemotherapy.
Wabuyela ejimini ngoJanuwari nyakenye wadlala okokuqala ngesikhathi iDortmund ibhekene ne-Augsburg koweligi ngoJanuwari 22.
UHaller phinde wabhekwa yisambane ngesikhathi elimala eqakaleni ngoDisemba, nokuholele ekutheni angakwazi ukudlala esigabeni samaqoqo se-Afcon lapho i-Elephants idlule khona kunzima ngokulala isithathu ngamaphuzu amathathu.
Ungene esuka ebhentshini ngesikhathi benqoba iSenegal kwi-Last 16 nagesikhathi bekhipha iMali kuma-quarter-final. Uqale umdlalo okokuqala bebhekene neDemocratic Republi of Congo, washaya igoli lokubika elifake izwe lakhe kowamanqamu lapho ephinde khona waba yiqhawe.
"Kade saqala ukuphupha ngalo mzuzu. Besinethemba ukuthi sizofika kuwona yize umdlalo ubunzima kakhulu. Le njabulo esiyibonayo, konke okwenzekayo ezweni lethu, yinto ebesihlose ukuyenzela abantu bakithi futhi ebafanele. Ngiyethemba ukuthi izoletha okunye okuningi okuhle,” kusho uHaller ekhuluma nesiteshi sethelevishini iBeinSports.
"Ngemuva kwesibhaxu esasithola sidlala ne-Equatorial Guinea, bekungekho okunye esingakwenza ngaphandle kokuqina. Maningi amagama akhulunyiwe ngaphakathi eqenjini obekungalula ukuwasho kodwa abedingeka.
"Izinyanga ezingu-18 ezedlule bezinzima kimina nomndeni wami. Uma ngibheka emuva ngiyabonga ukuthi ngilapha njengamanje.”
Unina kaHaller ungowase-Ivory Coast kanti uyise ungowaseFrance, lapho azalelwa khona, eParis. Udlalele iFrance emazingeni aphansi ngaphambi kokukhetha ukudlalela i-Ivory Coast ngo-2020.