XOLILE MPISANE
IBAMBE ngakho kwabebengafisi ukuthi amaqembu akuleli, i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns, asheshe ahlangane kwiCaf Champions League, njengoba etomule awakwamanye amazwe kuma-quarterfinal.
Ezimnyama zizifake kweyomkhumulajezi ngokuqhwakela kuGroup C, kanti amaBrazilian aqede endaweni yesibili kuGroup B.
Iqembu lase-Orlando lizodudulana nelase-Algeria, iMC Alger, kuma-quarterfinal, kuthi elasePitoli libhekane ne-Esperance yaseTunisia.
I-MC Alger iqede endaweni yesibili kuGroup A lapho inqobe khona imidlalo emibili, yadlala ngokulingana kathathu, yahlulwa kanye.
Kule midlalo eyinqobile iguqise iYoung Africans yaseTanzania ngo 2-0, neTP Mazembe yaseDemocratic Republic of Congo ngo 1-0, yomibili iyinqobela ekhaya.
Yomithathu imidlalo eyidlale ngokulingana ibisekuhambeni, yahlulwa yi-Al Hilal yaseSudan kuphela ngo 1-0 ekhaya.
Leli qembu selake layinqoba kanye iChampions League, ngo-1996. Njengamanje liqhwakele kwiligi ephezulu yase-Algeria, iLigue 1, lapho linqobe khona imidlalo eyisishiyagalombili, ladlala ngokulingana kweyisikhombisa, lanqotshwa kowodwa.
ISundowns yona izogadulisana ne-Esperance eqede esicongweni kuGroup D. Leli qembu laseTunisia linqobe imidlalo emine esigabeni samaqoqo, ladlala ngokulingana kowodwa, lahlulwa kanye.
Ekhaya lixebule i-AC Djoliba yaseMali ngo 4-0, iPyramids yase-Egypt ngo 2-0 neGD Sagrada Esparance yase-Angola ngo 4-1.
Ekuhambeni libambane ngo 0-0 neSagrada, ladla iDjoliba ngo 1-0, laguqiswa yiPyramids ngo 2-1.
I-Esperance inomlando omuhle kwiChampions League njengoba isiyinqobe amahlanda amane, ngo-1994, 2011, 2018 nango-2019.
Okunye okuvelile ngesikhathi kuqhathwa amaqembu eDoha, eQatar, izolo ntambama, wukuthi iPirates neSundowns ngeke bahlangane nakweyandulela owamanqamu uma kwenzeka bedlule kuma-semifinal.
Iqembu elizonqoba phakathi kwePirates neMC Alger lizobhekana noyedwa phakathi kwePyramids ne-AS FAR, bese elizodlula kwiSundowns ne-Esperance lidlale nelizonqoba phakathi kwe-Al Ahly ne-Al Hilal.
Khonamanjalo: IStellenbosch FC izotholana phezulu nezingqungqulu zase-Egpyt, iZamalek, kuma-quarterfinal eCaf Confederation Cup.
IStellies, ebidlala okokuqala emqhudelwaneni weCaf, iqede isibili kuGroup B, kwathi iZamalek yaqhwakela kuGroup D ngokunqoba imidlalo emine nokudlala emibili ngokulingana.