Magesi FC (0) 0
Orlando Pirates (1) 1
I-Orlando Pirates izibuyise zishisa izinduku kwiMagesi FC iyehlula emdlalweni weBetway Premiership e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngeSonto ntambama.
Igoli lePirates lishaywe nguRelebohile Mofokeng ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala.
IPirates ibhekane neMagesi ishayela phezulu kulandela ukubhudluza ngo 8-1 iMarumo Gallants koweligi ekuqaleni kwesonto. Lokhu kwenyuse ithemba nakubalandeli bayo lokuthi izobuya namaphuzu amathathu ePolokwane ukuze iqhubeke nokunciphisa igebe eliphakathi kwayo neMamelodi Sundowns. Ngaphambi kokuthi iPirates ibhekane neMagesi, kade isisele ngamaphuzu ayisithupha kwiSundwns exebule iRichars Bay ngo 2-0 eThekwini ngoMgqibelo. EZimnyama zisendaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-27 emuva kwemidlalo eyishumi. AmaBrazilians aseqhulwini ngawu-30 emidlalweni engu-11.
Ngaphandle kokuthi iPirates iqoqe amaphuzu amqoka kwiMagesi, ibuyise izinduku kuleli qembu laseLimpopo kwazise lishiye kukhalwa liyikhipha kwiCarling Knockout ezinyangeni ezedlule. Sekuwumlando ukuthi iMagesi igcine iyiwinile le ndebe ngemuva kokwehlula iSundowns kowamanqamu.
Ukwehlulwa kweMagesi yiPirates, kusho ukwanda kosizi kuleli qembu laseLimpopo eliya ngokuya lishoveleka ezembeni. Emasontweni adlule, lilaxazwe ngumqeqeshi uClinton Larsen.
Yize iPirates kuyiyona ebiphezulu ngomdlalo futhi ithola namathuba amaningi okufika amapalini kuneMagesi, kodwa yehlulekile ukuwasebenzisa. Igcine ithole igoli ngomzuzu wokugcina ngaphambi kwekhefu.
Ziya ekhefini iMagesi ingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kukaLehlogonolo Mokone ngomzuzu ka-39 ngemuva kokudlala injenje kuMohau Nkota.
Ngomzuzu ka-45 uMofokeng ushayele iPirates igoli, eqedela ibhola eliqhamuke noKabelo Dlamini kukade kuyi-corner kick.
Kungakapholi maseko, iMagesi ithole ithuba lokulinganisa kulandela iphenathi edalwe nguMakhehleni Makhaula othinte ibhola ngesandla ebhokisini.
Leyo phenathi uyishaye eceleni kwepali uWonderboy Makhubu.
Ngesiwombe sesibili womabili amaqembu awatholile amathuba okufika emapalini, ikakhulukazi iPirates kodwa yahlulela ukwengeza amagoli.