UMQEQESHI wonozinti weBafana Bafana, uGrant Johnson, wuyena okufanele abongwe ngokukhiqizela iNingizimu Afrika igolide elinguRonwen Williams ophinde wagqama elakuleli libuya nendondo yethusi kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) esongwe izolo ebusuku e-Ivory Coast.
Lokhu kutshelwe Isolezwe, yinkakha yeBafana, u-Andre Arendse, okuseyiyona yodwa unozinti waseNingizimu Afrika oseke waqukula isicoco se-Afcon.
Ngokuka-Arendse, iNingizimu Afrika kumele ibonge uJohnson oqale ukusebenza noWilliams esafunda isikole ngesikhathi efika kwiSuperSport United eminyakeni engu-20 edlule.
U-Arendse naye obengumqeqeshi wonozinti kwiSuperSport, uvumile ukuthi usebenzile noWilliams isikhashana kodwa akwenzile kufana nento engekho uma uzokuqhathanisa nokwenziwe nguJohnson, amchaze ngokuthi nguyena oqhakazise leli golide likanozinti kusukela phansi.
UWilliams (32) uzethule emhlabeni wonke ngokwenza okungakaze kwenzeke phambili emdlalweni ongaphansi kombuso weFifa, ngokuvimba amaphenathi amane kwamahlanu.
Lokhu uWilliams ukwenze ngesikhathi esiza iBafana ikhipha iCape Verde kwi-quarter final ye-Afcon ngeledlule.
IBafana ilale isithathu emqhudelwaneni kulandela ukunqoba kwayo ngo 6-5 kwiDemocratic Republic of Congo (DRC) sekukhahlelwa amaphenathi ngoMgqibelo ebusuku e-Abijan.
Nakulo mdlalo wendondo yethusi, kube wubuqhawe bukaWilliams obuweze iBafana lapho evimbe khona amaphenathi amabili.
Kusukela kuqale i-Afcon ngenyanga edlule, uWilliams ofikele kuJohnson kwiSuperSport ngo-2004, usegweme ukungenelwa yigoli emidlalweni emihlanu kweyisikhombisa.
Ngesikhathi esifanayo, uWilliams osangenelwe ngamagoli amathathu kuphela, usevimbe amaphenathi ayisikhombisa okumenza abe semgqeni womklomelo kanozinti ovelele kwi-Afcon.
“Kuliqiniso ukuthi konke okuhle okwenzeka kuWilliams kungenxa yokuzikhandla kwakhe kodwa ukusebenza kwakhe eduze noJohnson ofana noyise kuyena kunomthelela kulezi zimanga esizibonayo,” kusho u-Arendse.
“UWilliams ungunozinti onesiphiwo kodwa konke okubona kuyena yimbewu etshalwe uJohnson kusukela esemncane. Lo mfana ufike kwiSuperSport kwayena uJohnson esaqala ukuqeqesha, ngakho-ke basuka kude futhi banobudlelwano obufudumele obaziwa yibona bobabili.
“Uhambe muva nje kwiSuperSport uWilliams, okwenza ngibe nomcabango wokuthi bobabili balijabulele leli thuba lokuphinda basebenze ndawonye kodwa lokhu sebekwenzela izwe.
“Kuhle esikwenzelwe nguWilliams kwi-Afcon kodwa okunguyena okufanele simbonge singabantu baseNingizimu Afrika, nguJohnson osuke nalo phansi leli golide likanozinti njengoba selithela izithelo,” kuphetha u-Arendse.