OWAYENGUMGADLI weKaizer Chiefs, uJustice Sithole, ubona ukubuyiswa kwabaqeqeshi abebengasabonwa kwiBetway Premiership kuyinkomba yokuthi kukhona okungalungile ngebhola laseMzansi.
USithole wayeseqenjini laMakhosi elaqopha umlando ngokuwina iMandela Cup (Caf Confederation Cup) ngo-2001 ngaphansi komqeqeshi uMuhsin Ertugral (63) waseTurkey. Uphanyeke amakhokho emgibeni ngo-2015 esedlala kwiFC Cape Town kwiMotsepe Foundation Championship.
Emasontweni adlule kuqhubekile ukushintshwa kwabaqeqeshi emaqenjini ePremiership, iCape Town City ibuyisa u-Ertugral obengenalo iqembu. U-Ertugral, owayegcine ukuqeqesha kwiPremiership ekwiMaritzburg United ngo-2019, ungene endaweni ka-Eric Tinkler okhonjwe indlela ngenxa yokwehluleka ukuletha imiphumela egculisayo. IMagesi ibuyise u-Owen Da Gama (63) obeseqeqesha emazingeni aphansi eLimpopo. Ivale ngaye isikhala sikaClinton Larsen olaxaze umsebenzi. UDa Gama wagcina ukuqeqesha kwiPremiership ngo-2021 eyiphini lomqeqeshi kwiSekhukhune United.
“Kufanele sizibuze ukuthi indaba yokuqeqesha eMzansi iyaphi uma abaqeqeshi abaneziqu eziphezulu zeCaf bengabonakali njengabafanele ukuqeqesha la maqembu. Kunalokho osihlalo bamaqembu bancamela ukubuyisa abantu abagcina ukuqeqesha eminyakeni eminingi edlule. Kungenzeka ukuthi abanikazi bamaqembu ababoni abaqeqeshi abafunda manje kukhona abangakwenzela amaqembu,” kusho uSithole. “Baningi abaqeqeshi abaneziqu eziphezulu eMzansi kodwa kubuyiswa asebehlale iminyaka bengaqeqeshi. Kumele sizibuze ukuthi abaphathi bamaqembu bafuna omakadebona noma bafuna abazothatha noma yimalini abazonikwa yona. Lento iyafana nakubadlali. Umdlali osehlale isikhathi engenalo iqembu kulula ukumkhohlisa umnike noma yimalini kodwa osadlala uyazi ukuthi ufanelwe yimali engakanani,” kusho uSithole.
U-Ertugral, oshaya ngenqwaba yabadlali abasebancane kwiCity, ubuye kwiPremiership wahlula izinkunzi zaseSoweto ayeziqeqesha eminyakeni edlule, okuyiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates. Nokho ngempelasonto edlule akalibonanga elidlalayo kwiMarumo Gallants emshaye ngo 1-0 ekuhambeni koweligi. Lo mqeqeshi uqashelwe isikhundla sokuqeqesha kuze kuphele isizini ka-2024/2025. Emuva kwalokho uzothatha esokuba ngu-Technical Director.
“Abadlali abasebancane kwiCity bazohlomula kakhulu ngokusebenza noMuhsin. Ungumqeqeshi osebenza kakhulu ngomqondo womdlali, akhe ukuzethemba kuyena, amenze akholwe wukuthi akekho umdlali ongamelana naye kungakhathaleki ukuthi uneminyaka emingaki. Nami sengibona manje ukuthi kwakusetshenzwa ngomqondo wami ngesikhathi engiqeqesha ngoba wayenza sikholwe wukuthi singabadlali abaphambili futhi abangenza noma yini. Abadlali beCity bazohlomula kakhulu ngokusebenza naye,” kusho uSithole.