TS Galaxy (1)1
Mamelodi Sundowns (0) 0
I-TS Galaxy iqede ngerekhodi lomqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, itapa amaphuzu emdlalweni weBetway Premiership eMbombela Stadium, eNelspruit, ngoLwesibili ebusuku.
UKamogelo Sebelebele ushaye igoli ekupheleni kwesiwombe sokuqala okugcine kuyilona lodwa lomdlalo.
ISundowns ingene enkundleni ishayela phezulu kulandela ukuzidlela amahlanga kwi-Orlando Pirates iyixebula ngo 4-1 emdlalweni we-ligi ngempelasonto. Bekubhekwe ukuthi izonweba igebe lamaphuzu esicongweni se-log lifinyelele kwangu-12. Nokho iGalaxy ikuyomfe konke lokho, yaba yiqembu lesibili elihlule iSundowns emdlalweni weligi kule sizini. ISundowns iqalwe yiPolokwane City eyithele isibhaxu sika 1-0 ngo-Okthoba nyakenye. UCardoso ubeqala ukushaywa emdlalweni wePremiership selokhu ethathe izintambo kuManqoba Mngqithi ngoDisemba.
Enkundleni, iSundowns iqale kahle izama ukwakha amathuba okushaya amagoli ngokushesha kodwa iGalaxy isheshe yazinza. Ukuhlasela iphindelela kweSundowns kucishe kwathela izithelo ngomzuzu ka-27 ngesikhathi ibhola likaLucas Ribeiro lishaya ipali libuyela enkundleni. Lokhu kwenze iGalaxy yavuka emaqandeni, yazihlela kabusha. Nalo leli qembu likaTim Sukazi licishe lahlomula ngesikhathi i-free kick kaKhulumani Ndamane ichithelwa phezu kwepali ngunozinti weSundowns, uRonwen Williams. Nokho ligcine lihlabene sekusele umzuzu kuyiwe ekhefini ngesikhathi uSebelebele eqobela phakathi igoli emuva kokusefa udonga lweSundowns.
Esiwombeni sesibili, njengoba bekulindelekile, iSundows ibuye yenze izigunquko yabuya ngomfutho. Kodwa ukuhleleka kweGalaxy kwenze yahluleka ukwakha indathane yamathuba njengoba ihlala yenza kweminye imidlalo. Sekusele imizuzu emihlanu kuphele umdlalo, uMokoena udedele umlilo we-free kick kodwa unozinti weGalaxy, u-Ira Tape.