UMGADLI weSekhukhune United ovutha amalangabi kwiBetway Premiership, u-Andy Boyeli, usethubeni lokuzifaka emlandweni wePremier Soccer League (PSL) ngokuba umgadli wokuqala odabuka eDemocratic Republic of Congo (DRC) ukudla umklomelo weLesley Manyathela Golden Boot.
Kusukela i-PSL yasungulwa ngo-1996, umklomelo womgadli obehlule bonke ngokushaya amagoli ngesizini awukaze ugoduke nomdlali odabuka eDRC.
Nakuba bekhona abadlali baseDRC abazakhela igama kwi-PSL eminyakeni edlule okukhona kubona u-Emeka Mamale (ongasekho), Kabamba Musasa, Lelo Mbele noBunene Nganduane kodwa kubona akekho owahamba nalo mklomelo.
Ukuze uBoyeli akushintshe lokhu, ifomu ayikhombisa kulezi zinsuku iyamphoqa ukuthi angayehlisi ngoba bakhona nabanye abagadli abawufunayo lo mklomelo.
Emidlalweni yeSekhukhune engu-11 kule sizini, uBoyeli ofike kuyona esuka kwiPower Dynamos yaseZambia, useyishayele amagoli amahlanu kwiligi.
Omunye umlando asethubeni lawo uBoyeli owokuba ngumgadli wokuqala wangaphandle odle umklomelo wamagoli ngesizini yakhe yokuqala kwiPremiership.
UBoyeli (23) owaqokwa njengomdlali wonyaka eligini enkulu yaseZambia ngesizini ka-2022/2023, uyena futhi owagoduka nesicathulo segolide emuva kokuhlohla amagoli angu-18.
Okwamanje uBoyeli ulele isibili emjahweni ngamagoli amahlanu. Usele ngelilodwa ku-Iqraam Rayners weMamelodi Sundowns oziholayo ngayisithupha.
UBoyeli ubambene noLucas Ribeiro weSundowns ngamagoli amahlanu. Emhlane wabo kukhona uWandile Duba noMduzuzi Shabalala beKaizer Chiefs, Hendrick Ekstien waMaZulu FC, Dzenan Zajmovic we-TS Galaxy noTshegofatso Mabasa no-Evidence Makgopa be-Orlando bePirates.
“Kuqale kwangathi akajwayeli ngokushesha kodwa muva nje ulokhu ezivezile ukuthi uzoba yingozi kangakanani ezitheni aphinde abe wusizo kanjani kithina,” kusho umqeqeshi weSekhukhune, uLehlohonolo Seema, kulandela ukushaya kwalo mgadli amagoli amathathu kodlule becoboshisa iSuperSport United.
Umdlalo olandelayo weSekhukhune weligi ibhekene kuwona neKaizer Chiefs ekhombisa izimpawu zokuba buthaka emuva. Lo mdlalo uzoba ngeSonto ngo 3.30 ntambama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.