UVUKILE Mngqibisa, owayeyisitobha saMaZulu, unxenxa ozakwabo abangasalidlali ibhola ukuthi bazehlise, baqale phansi bafune ezinye izindlela zokuziphilisa.
UMngqibisa waphoqeka ukuyeka ibhola ngenxa yokulimala eseyibamba kwiHighlands Park ngo-2018.
Useziphilisa ngokushayela iloli elithutha imfucuza lenkampani iPikitup, eGoli. Uthole lo msebenzi emuva kokubheduka kobhubhane, iCovid-19 ngo-2020.
UMngqibisa uthe nabanye abadlali kufanele bangazenyezi ngokwenza eminye imisebenzi ngemuva kokuyeka ibhola futhi bangalindi ukuthi izinto bazolethelwa zona ezindlini.
“Amaqembu esidlale kuwona awasikweleti lutho. Ngisho ungadlala kwiChippa United noma kwiKaizer Chiefs iminyaka engu-30, uma sekuphelile thatha isikhwama sakho uhambe.
Iqembu kade likuholela yonke le minyaka, ngakho alikukweleti. Abadlali kufanele bayeke ukuziphakamisa, behlele ezingeni labo bonke abantu, bazame ezinye izindlela zokuphila,” kusho uMngqibisa.
“Okokuqala, badinga ukwamukela ukuthi izinto azisafani nangesikhathi besadlala. Emuva kwalokho kudingeka bathole ezinye izinto abakwazi ukuzenza ngaphandle kokudlala ibhola.
Ngisho ababhukudi kukhona ezinye izinto abangazenza. Ngesikhathi sisadlala kade behlala besikhuthaza ngokuthi siye esikoleni. Ungaba neDiploma noma iDegree kodwa kungenzeka kungakusebenzeli.”
UMngqibisa, obedume nangokushumayela ivangeli lobuKhristu, ikakhulukazi kuMaZulu, uthe uqale ukulungisela ubunzima bempilo esadlala, ngokwenza izincwadi zokushayela iCode 14.
Ngaphandle kwezincwadi zokushayela, wenze izifundo zokubhucunga abadlali, iSports Massage Therapy nezokuba yiConditioning Coach. UMngqibisa uveze ukuthi wenza iCode 14 ngoba enesifiso sokushayela ibhasi iGreyhound ayejwayele ukuhamba ngalo esadlala kuMaZulu.
Wathi umsebenzi wokushayela iloli umsizile ukuthi engadlelwa indlu nemoto ngemuva kokuyeka ibhola.
“Ngesikhathi ngiqala ukushayela iloli, abanye abadlali ebengiihlangana nabo bebengizwela kodwa mina ngijabule ngokuthi ngiphumelele ukugcina izinto engizisebenzele kanzima ngisadlala.
Angihambi ngicela. Uma ngizoba namahloni ngomsebenzi engiwenzayo, ngizozondla ngani izingane zami? Ngahlala nazo phansi ngazitshela ukuthi izinto ngeke zisafana nakuqala kodwa izikole abafunda kuzona, indlu, nemoto ebathathayo uma beya esikoleni izoqhubeka ibathathe.
Umehluko kuzoba wukuthi ngeke sisaphuma njalo ukuyodla ezindaweni. Uma sebekhulile bayobona ukuthi ubaba wayezama,” kusho uMngqibisa.
Abanye abadlali abadlale kwi-DStv Premiership babhekana nobunzima bokuthola indlela yokuziphilisa emuva kokuyeka ibhola. Abanye bagcina bedlelwe konke ababenakho ngenxa yokuhluleka ukukukhokhela, phezu kweminyaka bephila impilo yobukhazikhazi.
“Njengoba ngenze iSports Massage ngisazama indlela yokubuyela ebholeni. Ngisenalo ithemba lokuthi kukhona iqembu elizoqhamuka lingiqashe, ikakhulukazi ngoba nami ngilidlalile ibhola. Ngingaba ngumshayeli webhasi leqembu.
Njengoba ngiyiConditioning Coach, ngiyazi ukuthi imisipha inakekelwa kanjani. Uthando lokufundela lokhu luqale ngesikhathi nami ngilimele emuva kokubona indlela engisizakale ngayo,” kusho uMngqibisa.