ONGUMPETHA weHarry Gwala Marathon, uMholi Jali, uthandazela ukuthi ufike lo mjaho eseluleme ngokwanele ekulimaleni ukuze akwazi ukusivikela isicoco sakhe emjahweni wanonyaka ongoMashi.
Lo mjaho waminyaka yonke webanga lika-42km ogijinywa phakathi koMzimkhulu neXobho, esifundeni iHarry Gwala, uzogijinywa ngoMashi 23.
Ubalwa neminye imijaho yokwenza izikhathi zokuzibekisela indawo kwiComrades Marathon egijinywa ngoJuni.
UJali (31) waseNyanisweni, eMzimkhulu, ogijimela iHollywood Athletics Club, nguyena odle umhlanganiso kulo mjaho eshaya intambo ngesikhathi sika-2:33:45 nyakenye. Ulandelwe nguKabelo Lesia ngesikhathi sika-2:34:34, isithathu kwaba nguNkosikhona Mhlakwana ngo-2:35:05.
“Sengiqalile ukuziqeqesha kodwa ngithole ukulimala (enyongeni) ngeSonto eledlule, ngenkathi ngigijima kwiHillcrest Marathon. Ngakho isifiso sami ukululama ngokushesha ukuze ngizokwazi ukuqhubeka namalungiselelo eHarry Gwala Marathon. Yisifiso sami esikhulu ukuyogijima kwiHarry Gwala ngilwele ukuvikela isicoco sami.
“Sengiyigijime iminyaka ilandelana iHarry Gwala ngenza kahle, ngakho ngifisa kakhulu ukuyigijima nakulo nyaka,” kusho uJali okhombisa ukudlondloba emijahweni yamabanga amade.
IHillcrest Marathon yakulo nyaka yebanga lika-42km egijinywe ngeledlule eHillcrest, eThekwini, inqotshwe ngu-Ayanda Ngcobo, isibili kwaba nguNkosikhona Mhlakwana.
Ukulimala kukaJali sekusho ukuthi ngeke esakwazi ukuyogijima kwi-Best of the Best Marathon ezogijinywa ngoMashi 2, eThekwini.
Nyakenye, lo mgijimi ulale isibili kwi-Best of the Best yebanga lika-42km ehlezi ezithendeni kuNkululeko Mgubhela okunguyena odle umhlanganiso.
Ngo-2023, nguyena uJali owayedle umhlanganiso kulo mjaho we-Best of the Best onika abagijimi ithuba lokwenza izikhathi zokuzibekisea indawo kwiTwo Oceans Marathon egijinywa ngo-Ephreli, neComrades egijinywa ngoJuni.