UZOVALA unyaka ngeHollywoodbets Joburg 10km, uKamohelo Mofolo waseLesotho, obe nonyaka omuhle kwezokusubatha.
Isibhamu sizoqhuma ngo-6 ekuseni ngoMgqibelo, eCorlett Drive ngaphandle kwaseWanderers Stadium. Emlenzeni waseThekwini, kwabesilisa kunqobe uTebello Ramakongoana ngesikhathi esiwu-28.06, kwabesifazane kwaba uNeheng Khatala ngesiwu-32.25.
Emasontweni edlule, uMofolo ogijimela iMaxed Elite, unqobe iSoweto Half Marathon ngesiwu-1: 06.09. Ngasekuqaleni konyaka ulale isibili kwiTotalsports Two Oceans Half Marathon ngesiwu-1:05.33. Uphinde walala isibili ngesiwu-1:04.06 kwiNelson Mandela Bay Marathon ebangeni elifanayo.
Wenza kahle nasochungechungeni lwe-Absa Run Your City. Emlenzeni weHollywoodbets obuseThekwini, ngoSepthemba, ulale isithathu ngesiwu-29.19. Uthe emlenzeni waseGoli uzolwela ukwenza isikhathi esingaphansi kwemizuzu ewu-29.
"Ahamba kahle kakhulu amalungiselelo alo mjaho. Bengijima ezintabeni zangakithi eLesotho. ENingizimu Afrika ngizotheleka ngoLwesihlanu. IHollywoodbets 10km Joburg izoba umjaho wami wokugcina. Nakuba kuzobe kunzima kodwa kumele ngenze kahle kuyo," kubeka uMofolo.
Abazoshaya intambo ngoMgqibelo, bazokhala bamuke nesamba sika-R37 500. Isibili sizogoduka no-R30 000, isithathu kube u-R27 500. Isiyonke imali yemiklomelo ezokhishwa iwu-R357 500.
Uveze ukuthi isifiso sakhe esikhulu ukumela izwe lakhe kumaWorld Athletics Championships azoba ngoSepthemba wangonyaka, ozayo eTokyo, eJapan. Ukwenziwa kwezikhathi ze-marathon nebanga lika-35 km race walk kuvalwa ngoMeyi 4. Elika-10 000m (10km) nelika-20km race walk kuvalwa ngo- Agasti 24.
"Kungangijabulisa ukumela izwe lami kumaWorld Champs. Kuhlale kuyisifiso sami nokulimela kuma-Olympic Games. Ngisazohlala phansi nomqeqeshi nekilabhu yami sibonisane ngebanga engizosebenzela phezu kwalo," kusho uMofolo.