INDODANA yolahleko, u-Innocent "Tycoon" Mantengu, ibuyele ekhaya maqede yahlabana ngempi yebhande lase-Afrika.
Leli nxele laseMtubatuba, lizobanga isicoco esingaphethwe muntu se-ABU Bantamweight noDavid " Sniper" Mwale waseZambia, namuhla, eLusaka.
Esibhakeleni esikhokhelayo uMantengu uzakhele igama esengaphansi kweThekwini Gym eqeqeshwa uZwilenkosi Magudulela.
Izimpi zakhe bezihlelwa yiLudonga Boxing Promotions eyasungulwa nguThulani " Nkunzi" Magudulela ongasekho emhlabeni.
Ngaphansi kwalesi sitebela uhlomule ngebhande le-IBF All Africa neleWBA Pan African Bantamweight. Ngokuhamba kwesikhathi ube nokungaboni ngaso linye nabaphathi bakhe.
Uqome ukufudukela eGoli nalapho efike wacijwa khona umkhaya wakhe, uSimon " Nxakanxaka" Ndlovu.
EGoli uzuze okuhle kwaphinde kwambhedela kwezinye izimpi. Nokho ukwazile ngo-2019 ukunqoba okokuqala ibhande le-SA Junior Featherweight eshaya imbangi yakhe enkulu, uThato Bonokoane.
Njengoba esebuyele eThekwini Gym, amabhokisa aseqeqeshwa nguSizwe " Bhubesi" Mthembu ofike ngamandla kulo mkhakha njengoba kulo nyaka lingekho ibhokisa lakhe elike lashaywa. Ngesonto eledlule, ezimpini zeHlula Dladla Boxing Promotions, lo mqeqeshi unqobise uSiboniso Gonya ibhande le KZN Junior Featherweight.
Iningi bese lizitshela ukuthi sekuphelile ngoGonya ngenxa yokuphenduka ukudla kompetshisi.
Uhlule ngamaphuzu uMduduzi " Sgora" Mzimela obethwelwe ngeqoma.
UMthembu noMantengu balifulathele elakuleli ngoLwesithathu.
Lo mqeqeshi utshele Isolezwe ukuthi sekuphele amasonto amane belungiselela impi.
" Sijabule kakhulu ngokubuya kukaMantengu. Wahamba esitebeleni sethu nami ngiseyibhokisa. Kungangijabulisa kakhulu ukunqoba naye ibhande lo mhlaba. Uyibhokisa elinamava," kubeka uMthembu othe ngeke balenze iphutha lokweya uMwale osalwe izimpi ezine kuphela.
Ngokwerekhodi, uMwale uzinqobe zonke lezi zimpi. Kwagcine ukuyilwa ngoJulayi, ushaye ngomcacamezelo womlalisa, uPatrick Kimweri waseTanzania.
Ngakolunye uhlangothi, uMantengu uvunwa irekhodi le zimpi eziningi. Kweziwu-23, unqobe eziwu-15, wahlulwa kweziyisikhombisa, wadlala ngokulingana kweyodwa.
Uma uMantengu ebuya nayo i-ABU, uzoba yingqwele yesishiyagalombili ekhiqizwe uMthembu.
Ezinye, uSabelo Cebekhulu (WBF Bantamweight), Siyabonga Mpangela (KZN Junior Bantamweight), Mpendulo Gumede (KZN Featherweight), Gonya (KZN Junior Featherweight), Ayanda Mthembu (WBF Middleweight), Thema Zuma (Female SA Junior Bantamweight) noSanele Msimango (WBF Welterweight).