UKUDUDULANA enkundleni neSevilla, elinye lamaqembu anzima eSpain, eselidle amahlandla ayisikhombisa isicoco se-Uefa Europa League, kukodwa kuzokwenza i-Orlando Pirates izethembe.
EZimnyama zizoqala imidlalo yokuhlungela amaqoqo eCaf Champions League, neyeDStv Premiership zisesimweni esingcono kunesangesizini edlule.
Lokhu kuqapheleke enkulumweni kaMiguel Timm, ongomunye wabashayele iPirates amagoli ngenkathi inqoba ngo 2-0 kwiSevilla, ebidlala ngaphandle kwezihlabani zayo ngoba ezinye beziboshelwe esikwatini seSpain, equkule isicoco se-Euro ngempelasonto eGermany.
UTimm uvule inkundla ngegoli alishaye kade kuyikhona ngaphambi kokuthi uKabelo Dlamini, ayivale ngengcwenga yegoli alishaye wasala enkemile, u-Orjan Nyaland, obevimbele iSevilla.
Umdlalo neSevilla ubungoMsombuluko eRamon Cisneros Palacios, eSeville.
UTimm noDlamini bakhulume nethimba labezindaba lePirates eliseSpain ngesikhathi beqeda ukudlala neSevilla.
Namuhla iPirates izozwana amandla nelinye iqembu elidlala esigabeni esikhulu eSpain, iGranada ngo-7 ebusuku, eBanus Football Center, eMarbella.
“Umphumela esiwuthole kwiSevilla uzokhuphula ukuzethemba kithina kodwa okumnandi kakhulu ngawo yindlela esidlale ngayo ukuze siwuthole,” kusho uTimm.
“Ukuba senkundleni neSevilla kukodwa kuzokwenza sibuyele ekhaya singcono kunalokhu esifike siyikho eSpain, ngakho-ke umphumela ufana nebhansela.
“Kunzima siziqeqesha kabili ngosuku nsuku zonke kodwa asikho isidingo sokukhala ngoba siyazi ukuthi sicijela ukuthi sifike sinjani uma sesibuyela ekhaya.
“Ngiyavuma asikho isikhathi sokuphumula njengoba silapha eSpain, kodwa kwehla kahle kithina ukuqaphela ukuthi ukuzikhandla kwethu kuzoba nomvuzo,” kulandisa uTimm.
IPirates idlale ngezikimu ezimbili ezahlukene koweSevilla okwenze ukuthi uDlamini angenele, uKarim Kimvuidi, ngesikhathi sekhefu.
UDlamini ufike wacacisa umphumela ngokushaya igoli ebeliphefumulisa kangcono ezikaJose Riveiro.
“Ubunzima umdlalo kodwa kuyakhuthaza ukuthi silwile saze sathola umphumela oncomekayo,” kusho uDlamini
“Njengomuntu obeqala ukuthola ithuba kusukela sifikile eSpain, ngiyaziqhenya ngegoli engilishaye sibhekene nelinye lamaqembu ahlonishwayo e-Europe.”
EzikaRiveiro zinomdlalo onzima wokuhlungela indawo kweyamaqoqo eChampions League, neCNaPS Sport yaseMadagascar ngo-Agasti 16 ekuhambeni.
Ngesizini edlule iPirates ikhishwe yiJwaneng Galaxy emzuliswaneni wokuqala wokuhlungela amaqoqo omqhudelwano.
Lokhu kulandelwe ukuthi iPirates iqale ngegiya eliphansi kwiligi kanti namanje isakhala ngomthelela wakhona wokuthi igcine isale ngamaphuzu angu-23 kwiMamelodi Sundowns, evikele isicoco seDStv Premiership.