NGOKOMBIKO weStats SA zingaphezu kuka-120 000 izingane zamantombazane ezisafunda isikole ezibelethe nyakenye.
Ngokwalo mbiko, iLive Birth 2017, okhishwe ngeledlule awu-3 261 amantombazane aphakathi kweminyaka engu-10 kuya ku-14 abelethe nyakenye.
Awu-119 645 aphakathi kuka-15 no-19.
Umbiko wenziwe ngokuthi kuqoqwe umbiko ngabesifazane ababelethile eMnyangweni wezaseKhaya nyakenye.
Kuwona kuhlukaniswe ngokweminyaka yabesifazane ababelethile.
Minyaka yonke ihlale ikhathaza uMnyango weMfundo eyisiSekelo eyokukhulelwa kwabafundi ezikoleni.
Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe ziyashaqisa lezi zibalo ngoba emantombazaneni abelethile abalelwa ku-3 000 afunda uGrade 6, 7 no 8.
Uthe lawo angaphezulu kuka-119 000 afunda uGrade 10 kuya ku-matric.
“Sishaqekile ngezibalo ngoba yizingane ezisuke zisafunda isikole. Sihlale sibanxusa abafundi ukuthi bagxile ezincwadini zabo ngaso sonke isikhathi,” kusho uMhlanga.
Uthe nabazali kumele babambe iqhaza ngoba akuyona inkinga yomnyango wodwa.
“Uma ubheka kubafundi abaneminyaka ewu-10 abakhulelwayo kumele kuvulwe amacala baseyingane. Kulaba abaneminyaka ewu-16 basuke sebenalo ulwazi ngengozi yokukhulelwa ngakho kumele basebenzise izivikelo,” kusho uMhlanga.
Uthe kwesinye isikole eLimpopo omunye wabafundi obekhulelwe ukuvezile ukuthi ubenalo ulwazi ngokuthi angazivikela kanjani ukuze angakhulelwa.
“Sinesifundo iLife Orientation abafundi okungamele bacabange ukuthi asithi shu ngoba sibalulekile. Siyabafundisa ngokukhulelwa nangezindlela abangazivikela ngazo,” kusho uMhlanga.
Akusona isifundo samantombazane kuphela kodwa nabafana kumele basiqonde.
Ngokombiko bawu-989 318 abesifazane ababeletha nyakenye. Uthe isibalo sababelethayo sinyukile kunesango-2016 esasiwu-969 415.
Kuzalwe kakhulu abafana abawu-460 774 amantombazane aba wu-452 725.
Isifundazwe iGauteng yisona esinesibalo esiphezulu sezingane ezizelwe ngezingu-239 457 kulandele iKwaZulu-Natal ngezingu-197 913.
Isifundazwe esibe nesibalo esincane yiNorthern Cape ngeziwu-24 395.
Umthetho iDeaths Registration Amendment Act ubalula ukuthi kumele izingane zibhaliswe ezinsukwini eziwu-30 zibelethiwe.