Page lead
ABATHEMBI abahlaziyi bezombusazwe ukuthi kuzophela iminyaka emihlanu usekhona umshado we-DA ne-ANC kuhulumeni wokubambisana kwamaqembu i-GNU, njengoba i-DA inqabe ukwehlela ngezansi, yaqinisa ikhanda iphikelela enkantolo enkulu ngoba ifuna kumiswe ukunyuswa kwentela efakwa uma kuthengwa impahla, iVAT.
Abahlaziyi bathi akukapheli ngisho nonyaka lo mshado ukhona kodwa umfantu mkhulu phakathi kwala maqembu njengoba ezoba nemihlangano ebalulekile, lapho ezonquma ngokuthi asazokwazi yini ukuqhubeka asebenzisane noma ahlukane njengamaNdiya ephethe obhaskidi, emva kokuba i-DA ichithe ukuvotela isabelomali sezwe esinyusa iVAT ngo-0.5%.
Umhlaziyi wezepolitiki oseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uMnuz Zakhele Ndlovu, uthe akanalo ithemba lokuthi kuzophela iminyaka emihlanu la maqembu esayibambile kwi-GNU.
Uthe i-ANC ne-DA bayadingana nakuba imibono yabo ihlukene kakhulu.
"I-DA ifana nomuntu wesifazane osemshadweni ahlukumezekile kuwona kodwa angafuni ukuphuma ngoba kukhona akuzuzayo. Ziningi izinto leli qembu elingaboni ngaso linye kuzo ne-ANC, kubalwa umthetho wokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, umthetho womshwalense wezempilo kuleli i-NHI nendaba yokuyuswa kweVAT manje," kusho uNdlovu.
Uthe uma i-DA igcina iphoqeleka ukuthi iphume emshadweni we-GNU, ingabanga umsindo ngodaba lokuthi i-ANC inyuse iVAT ngo-0.5% kulo nyaka, bese ngonyaka ozayo iphinde inyuke ngomunye u-0.5%, okuzoshaya abakhokhi bentela.
UNdlovu uthe i-DA ayifuni ukudeda emshadweni ngoba ingafuni ukuthi kungene amaqembu afana neMK kanjalo ne-EFF kuhulumeni.
Omunye umhlaziyi uSolwazi Andre Duvenage, ucashunwe kwiSABC ethi lucace bha uqhekeko phakathi kwe-DA ne-ANC odabeni lokunyuswa kweVAT esabelweni esethulwe nguNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana.
"I-DA ingaqhubeka ihlale emshadweni we-GNU, yamukele indaba yokunyuswa kweVAT. Ingaphuma futhi kulo mshado, sibone sekungena amanye amaqembu amasha kwi-GNU," usho kanje.
Uthe ubona ingcindezi izoba kwi-ANC ngokuthi ikuphi ezokwenza nge-DA emva kokuba ichithe isabelomali.
Abahlaziyi basho lokhu nje, ubuholi be-DA bebuhlangene izolo ntambama, ukuqhamuka nomkhombandlela ngokuzokwenziwa yileli qembu.
I-ANC ibize umhlangano ophuthumayo wesigungu esiphezulu sale nhlangano ngoMsombuluko eGoli, lapho ibizobhunga khona ngokwenzekile, bese iphuma nomkhombandlela ngezokwenza.
USihlalo weFederal Council ye-DA, uNkk Helen Zille ekhuluma nabezindaba izolo ngaphandle kweNkantolo eNkulu eWestern Cape, uthe bebezohlangana izolo bewubuholi obuphezulu babhunge kabanzi ngokwenzekile, bese bephuma nomkhombandlela.
"Sizobheka izinto eziningi, bese sithatha isinqumo ngesizokwenza. Asizoxhamazela ngoba sifuna ukuthatha isinqumo esifanele, esizosimemezela," usho kanje.
Uthe baye enkantolo ngoba befuna kumiswe ukukhushulwa kweVAT kusuka ngenyanga ezayo.
"Ngesikhathi sezingxoxo siyifakile eyomthetho wokubuyiswa komhlaba nodaba lweNHI ngoba kumele ixhaswe. Ziningi iziphakamiso esazenza ezithinta ezomnotho. Siyazi isinqumo esizosithatha sizoba nomthelela ezweni," kusho uNkk Zille.
I-ANC ihlale ithi noma i-DA ingaphuma kwi-GNU, kodwa uhulumeni ngeke uguqe, uzoqhubeka.