KUZOBAMBEZELEKA ukuhlinzekelwa kwemiphakathi ngezidingo KwaZulu-Natal, ngenxa yesimo esibi sezimali kuhulumeni wesifundazwe.
UNdunankulu uMnuz Thami Ntuli, uthe ezinye izethembiso ezenziwe uhulumeni wesifundazwe angeke zifezwe ngesikhathi esibekiwe ngenxa yesimo sezimali abazithola bengaphansi kwaso.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula umbiko ngezinsuku ezingu-100 zokusebenza kohulumeni waKwaZulu-Natal. Uhulumeni waKwaZulu-Natal wamenyezelwa ngoJuni.
UNtuli nabaphathiswa beminyango eyahlukene benza izethembiso ezinqala ngesikhathi bethula izabelomali zeminyango yabo.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba, uNtuli udwebe isithombe esingesihle ngesimo sezimali kuhulumeni waKwaZulu-Natal.
“Uhulumeni waKwaZulu-Natal awunayo imali eyanele. Lokho kusho ukuthi ngeke sikwazi ukufeza zonke izidingo esazenza ngesikhathi esibekiwe. Yize kunjalo, sizokwenza isiqiniseko sokuthi siqhamuka namaqhinga amasha khona sizokwazi ukwenza okuncane ngalokhu esinakho.”
UNtuli uthe babhekene nesimo lapho inyuka ngesivinini imali esetshenziswa uhulumeni wesifundazwe, bese kuthi eqoqwayo yona inciphe.
Uthe uhulumeni wesifundazwe ukweleta izinkampani u-R10 billion, wathi kunesikweletu sika-R5, 5 billion okufanele sikhokhwe kulo nyaka wezimali.
UMphathiswa wezeZimali, uMnuz Francios Rodgers, uthe inkinga yezimali KwaZulu-Natal idalwa ukuphundlwa iminyaka ilandelana kwesabelomali sesifundazwe uhulumeni kazwelonke.
“Ngihlezi ngikusho ukuthi asizifakanga thina kulesimo esikuso. Kule minyaka emine eyedlule uhulumeni kazwelonke unciphise isabelo saKwaZulu-Natal ngo-R66 billion. Kule minyaka emine ezayo isabelomali saKwaZulu-Natal sizoncipha ngo-R12 billion,”kusho uRodgers.
URodgers uthe umsebenzi ababhekene nawo awulula.
“Akekho othe kuzokuba lula. Kuzokuba nzima kakhulu kulo nyaka kodwa lokho akusho ukuthi kufanele siphose ithawula.”
Uhulumeni waKwaZulu-Natal ubophele amaqembu ehlukene, amanye awo abeyinkukhu nempaka ngaphambi kokhetho, i-IFP, ANC, DA neNFP.
UNtuli, obephahlwe abaphathiswa abaqhamuka kula maqembu ngesikhathi ekhuluma, uthe kunozinzo kuhulumeni wokubambisana ophethe isifundazwe.
Uthe ukuhlangana kwezinsuku ezingu-100 kukhombisa ukuthi uhulumeni wokubambisana awuyi ndawo.
“Abanye babethi ngingundunankulu wesikhashana nje kodwa buka manje ukuthi sikuphi. Siyaqhubeka nokusebenza.”
Lawa mazwi ananelwe abaphathiswa abaqhamuka kwamanye amaqembu, uMnuz Siboniso Duma, we-ANC, noNksz Mbali Shinga, weNFP.