I-SOUTH African National Roads Agency (SANRAL) ithembisa ukuthi uzovulwa ekupheleni kwale nyanga umgwaqo owuthelawayeka u-N2 ngaseSiphingo.
Lokhu kuvezwe yiPhini likaNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, izolo.
UHlengwa ubehambele le ndawo emva kokukhahlamezeka kwebhuloho eziMbokodweni kulandela imvula ebina ngamandla ngoLwesibili.
“AbakwaSANRAL bazimisele ngokuthi umgwaqo uvulwe esikhathini esilinganiselwa emasontweni amathathu kuya kwamane ezayo," kusho uHlengwa.
Uthe ngokombiko abawuthole emva kokuthi ochwepheshe bakwaSANRAL behlole umonakalo, bathole ukuthi ukukhahlamezeka kwalo kudalwe ukuthi seligugile.
Uthe lineminyaka engu-64 lakhiwa, wathi abakwaSANRAL bathe umonakalo awumubi kangako.
Uthe phakathi kwezindlela abangazisebenzisa ukulungisa umonakalo ukuthi liphakanyiswe.
“Okungenziwa masinyane yikho ukuthi liphakanyiswele phezulu ngoba emva kokuhlolwa komonakalo kubonakele ukuthi awumubi kangako,” kusho yena.
Uthe bafuna ukuqinisekisa umphakathi ukuthi kuzoshaya uDisemba usulungisiwe umonakalo ongatheni odalekile.
Udalule ukuthi belisanda kuhlolwa ngoFebhuwari nonyaka, u-98% wokuhlolwa kwalo waveza ukuthi konke kusahamba kahle ngalo.
Abashayeli bezimoto ezisebenzisa umgwaqo ovaliwe kanye neminye esondelene nawo, bakhale ngokubambezeleka isikhathi eside uma behamba kule migwaqo.
Omunye wabo uMnuz Sabelo Nxele, othe kungaba ngcono uma uhulumeni wesifundazwe noma uMasipala weTheku bengatshala amaphoyisa ukuthi azolawula isimo.
"Uma kungaba khona amaphoyisa ezimpambanweni zale migwaqo, mhlawumbe ungabonakala umehluko, mhlawumbe kungalawuleka ukunyakaza kwezimoto," kusho uNxele.
Omunye, uNkk Nokuthula Phungula waseBhekulwandle, eManzimtoti, uthe bathwala kanzima uma sebebuya emsebenzini.
Uthe usebenza enkabeni yeTheku, wathi ngoLwesithathu kucishe kwaphelile amahora amathathu evaleleke esiminyaminyeni kule ndawo.
"Namuhla ngizamile ukuthi ngisheshe ngishayise emsebenzini ngethemba lokuthi ngizohamba kangcono kodwa kubukeka kuzifanela ngoba sekuyophela amahora amabili ngibambeke la," kusho uNkk Phungula.
Uthe okunye okudala isiminyaminya ukuthi abashayeli bamatekisi bavele baphendule umzila owodwa, ube yimizila emibili noma emithathu.