KUPHELILE ukunethwa yimvula kubagibeli baserenki yaseBallito, KwaDukuza, ngesikhathi uMasipala waKwaDukuza wethula ngokusemthethweni irenki yeqophelo eliphezulu futhi enompheme.
Abagibeli bakule ndawo abajwayele ukusebenzisa irenki bathi ncinci kamjoli njengoba bekholwa ukuthi seluphelile usizi ebebezithola bebhekene nalo uma beze kuyona ngaphambilini.
Omunye wabagibeli ebebesebenzisa irenki, uNkk Ntombizodwa Msimangi, uveze ukuthi imvula ibiphelela kubona kuze kumate ngisho impuphu.
"Bekuwusizi lodwa ukuma kule renki, imvula ibike isinethe ngale ndlela yokuthi besizwa kahle ukuthi akekho umuntu osinakile. Kodwa namhlanje siyajabula kakhulu uma kwethulwa irenki yalolu hlobo,'' usho kanjena.
UMnuz Zakhele Nxumalo uthe isimo besingesihle kakhulu erenki, wathi ilanga belibashisa kakhulu ikakhulukazi uma kusehlobo.
"Ngikutshela ukuthi ilanga beliphelela kithina ingekho nento esingayenza,'' kusho uNxumalo.
Uthe abantu abadala yibona ebebezithola bebhekene nesimo esinzima kakhulu uma beze erenki. Uthe ngathi kuyiphupho uma bebona sekunerenki enompheme futhi esemgangathweni.
IMeya yakule ndawo, uMnuz Ali Ngidi, ikuqinisekisile nayo ukuthi abagibeli bakule ndawo ebebesebenzisa le renki bebethwala kanzima kakhulu ngaphambilini.
Uthe imvula nelanga bekuphelela kubona, wakhala ngokuthi kubagibeli bekumata ngisho impahla abayithengile esitolo. Ngenxa yalesi simo nezinselelo ebezibonakala kule renki yingakho bebhukulile babona ukuthi mabakhe irenki esemgangathweni futhi engeke ize ibahlukumeze abagibeli.
Uthe lokhu bakwenze ngoba bayabazisa futhi bayabahlonipha kakhulu abagibeli bewumasipala waKwaDukuza.
"Imboni yamatekisi siyayihlonipha kakhulu kanjalo nabagibeli siyabazisa yingakho senza konke okusemandleni ethu ukulungisa okungahambi kahle,'' usho kanjena.
Usihlalo weDolphins Association, uMnuz Nhlanhla Lephelo, uthe bayabonga kakhulu ngomsebenzi awuchaze njengomkhulu athe wenziwe uMasipala waKwaDukuza.
"Baqinisile uma bethi isimo salapha besingesihle. Abagibeli bethu bebebekezela nje kodwa bekungalungile nje nhlobo. Kodwa namhlanje siyajabula uma kufezeka iphupho lethu lokuthi sibe nerenki esemgangathweni,'' usho kanjena.