OJOYINE iqembu i-MK Party, uMnuz Canaan Mdletshe, uyifanise nentaba engcwele indawo yaseNkandla lapho kwakhe khona uMengameli waleli qembu.
UMdletshe ukusho lokhu ngemuva kokwemukelwa “ngezandla ezimhlophe” umholi waleli qembu, uMnuz Jacob Zuma, emcimbini owenzeke khona Kwadakw’udunuse ngempelasonto.
UMdletshe phambilini wayenguNobhala Jikelele we-NFP ngaphambi kokuthi uhlangothi lwakhe lwehluwe emdonsiswaneni owawusenkantolo. Uvumbuka kwi-MK nje usanda kushiya i-NFP ethi unengwa yisinqumo sayo sokubambisana ne-DA namanye amaqembu KwaZulu-Natal.
“INkandla isifana nentaba engcwele. Wonke umuntu ozizwa sengathi ucindezelekile, uya khona eNkandla eyokhuleka. Nami ngizizwa ngisekhaya lapha,” usho kanje uMdletshe.
Elanidisa Isolezwe ngesinqumo sakhe, uMdletshe uthe umbono womsunguli we-NFP, uNkk Zanele KaMagwaza-Msibi, nawo umholele kwi-MK.
Uthe ngesikhathi uKaMagwaza-Msibi, esungula i-NFP ngo-2011, wayefuna ukwakha iqembu lezepolitiki elizokuba yikhaya labantu abahluphekile nabanganakiwe.
“Uma uzobheka i-MK, uzobona ukuthi nayo inombono ofanayo nalona njengoba ibeka phambili abantu. Kucacele noma ubani ukuthi i-MK iyona eyithemba labantu. Noma ungabuza noma yimuphi umuntu waKwaZulu-Natal noma eNingizimu Afrika, bazokutshela ukuthi wonke amathemba abo akuZuma, bazokutshela ukuthi angeke kuhlale kunje.”
Nakuba uMdletshe ethe akuzange kube yisinqumo esilula ukuthi ashiye i-NFP ngenxa yomlando anawo enhlanganweni, uthe kube lula ukuthi ajoyine i-MK ayifanise nompheme wokuphephela.
Izembe lihlezi liloliwe kwi-MK njengoba sebebaningi abaholi asebexoshiwe okubalwa kubo nowabhalisa le nhlangano ngokusemthethweni, uMnuz Jabulani Khumalo. Kamuva nje izembe lidle isethenjwa ebesinguNobhala Jikelele uMnuz Arthur Zwane.
Kepha uMdletshe uthe yena angeke ahlale ngesinqe esisodwa, wathi indlela ethulwe ngayo itshengise ukuthi wamukelekile eqenjini.
UMdletshe wethulwe ngendlela engejwayelekile njengoba ethulwe nguZuma phambi kwabalandeli be-MK Party. Akubona bonke abaholi abafike kanje kuleli qembu.
Injabulo ibibhalwe emehlweni kuZuma ngesikhathi ethula uMdletshe.
“Ingithobisile kakhulu indlela engethulwe ngayo. Ukuba le nto ibiyenzeka ngo-12 ebusuku, bengizokuthi mhlawumbe ngiyaphupha. Inhlokomo ebe khona ikhombise ukuthi ngamukelwa ngisho nangamadlozi e-MK. Ngizohlala ngokukhululeka, angizukulokhu ngiqalaza ngoba ngiyazi ukuthi ngamukelekile.”
UMdletshe uthe akazange ahehwe ngesikhundla ukuba ajoyine i-MK.
“Nami futhi asikho isikhundla engike ngahlebeza ukuthi ngiyasifuna. Ngiyakuqonda ukuthi ukuze iqembu liqine emazingeni aphansi, kufanele kube nabantu abakhona. Kodwa-ke uma kukhona lapho iqembu elifuna ukungithuma khona, angeke nginqabe.”