USALE udidekile umndeni wowesilisa waseXobho okuthiwa ubulale umfowabo emnuka ngokujola nentombi yakhe.
Kuvela ukuthi umsolwa elingeke lidalulwe igama lakhe engakaveli enkantolo ubulale umfowabo, uMnuz Siyanda Nxumalo (26) emsola ngokuthi umthathele intombi.
Udadewabo kamufi uNksz Slindile Nxumalo utshele Isolezwe ukuthi bekungesikhona okokuqala abafowabo bexabana kubangwa le ntombi acele ukuba lingagagulwa igama layo.
Uveze ukuthi intombi yomsolwa ijwayele ukuvakasha izolala kubo njengoba sekuphele iminyaka emithathu bethandana.
Uthe intombi igcine seyijwayelana kakhulu noSiyanda futhi nabo bengaliboni iphutha kulokho njengomndeni.
"Ekuqaleni konyaka owedlule umsolwa washaya walimaza kabi umufi ebafice behlezi bobabili bebuka ithelevishini. Wayemsola ngokuthi usemthathela intombi yakhe. Umama wathwala kanzima ebalamula,'' usho kanjena.
Uthe ngoJuni umsolwa waphinda waqongqotha umfowabo ngesidunu sesibhamu ekhanda nakhona emsola ngokuthi ujola nentombi yakhe.
Esigamekweni sokubulawa kukaSiyanda uthe uphinde wabafica behlezi bebuka ibhola yena ephuma emsebenzini ngeSonto ntambama wavele waqonda ekhishini wadonsa ummese wamgwaza ephindelela. Kuthiwa intombi yavele yaphuma yahlaba ngejubane ibona umuntu wayo ehlasela umfowabo.
"Umgwaze amanxeba amabili entanyeni nasesifubeni kwale noma esexolisa kodwa waqhubeka wamgwaza. Ibuhlungu kabi le nto eyenzeke ekhaya,'' usho kanjena.
Uthe akazi nokuthi umsolwa wayekuthathaphi ukuthi umfowabo umudla izithende.
"Mina le nto yokuthi umfowethu acabange ukuthi umufi umudla izithende angiyazi ukuthi iqale kuphi futhi kanjani. Ngesikhathi embuza yona okokuqala ngonyaka odlule ngangicabanga ukuthi umane uyazincokelela nje kanti akunjalo,'' usho kanjena.
Uthe umsolwa kuyimanje ugcwele amathafa wathi yize eyigazi labo kodwa bamdinga ezikhindini.
"Kumele amaphoyisa amthole aboshwe, yimbi kabi le nto ayenzile. Akusho lutho ukuthi ungowasemndenini uma nje wonile kumele ukujezele lokho,'' usho kanjena.
Amaphoyisa aKwaZulu Natal kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engaphendulanga mayelana nalesi sigameko.