SEBUTHATHE elinye igxathu ubugebengu baKwaBester, eNanda njengoba kubikwa ukuthi izigelekeqe sezibamba abantu inkunzi ematekisini.
Kubikwa ukuthi nasematekisini ahambela eMlaza emzileni wakwaM&R, kukhalwa esifanayo.
Ngokuthola kweSolezwe ziyisithupha izigameko KwaBester lapho abasolwa bezenza khona abagibeli ngenhloso yokubamba inkunzi.
Ngokusho kwelinye lamalungu aqapha ubugebengu kule ndawo, uMnuz Mfaniseni Mthethwa, lolu hlobo lobugebengu luqale emasontweni amathathu edlule.
“Singakuqinisekisa impela ukuthi kuyiqiniso lokho. Siqale ukubikelwa ngakho emasontweni amathathu edlule.
“Kuvela ukuthi izigilamkhuba zihamba ngazimbili, zima esitobhini, zimise itekisi sabantu abafuna ukugibela,” kusho uMthethwa.
Uqhube wathi, umshayeli wetekisi uvele ame ngenkulu inkululeko, ezitshela ukuthi ngabantu abafuna ukugibela.
“Bathi uma bevula isicabha babeke unyawo lokuqala etekisini, kube sengathi bayagibela, ngokuphazima kweso bese bekhipha izibhamu, batshele wonke umuntu osuke engaphakathi ukuthi akalethe iselula yakhe nesikhwama,” kulandisa uMthethwa.
Uthi baphinde baphendule umbhobho wesibhamu, ubheke ngakumshayeli, bamfune yonke imali aseyisebenzile.
Ubuye waveza ukuthi lezi zigelekeqe azigcini lapho, uma zibone izingubo ezizithandayo zigqokwe ngabagibeli, ziyabakhumulisa zizithathe.
Lo mkhuba, uthe wenzeka kusuka KwaBester erenki, uze uyoshaya eDube Village eNanda.
Ukhale ngobugebengu obuphezulu, wathi isimo asisalawuleki.
Echaza ngokwamenza wajoyina izinhlaka ezilwa nobugebengu nyakenye, uthe kwaba yisigameko sokudlwengulwa kowesifazane wendawo, ngamalungu egenge angu-12.
Kwenye i-voice note ethunyelelwe Isolezwe, omunye wabashayeli uveze ukuthi sebeyisithupha abashayeli asebebanjwe inkunzi ematekisini abahamba ngawo.
“Bafika noplastic, bathathe yonke into. Mina nje laphaya eZintombini angisagibezi muntu ongimisayo. Laba bafana sebesihlukumeze kakhulu, baphatha izibhamu,” kusho umshayeli.
Uthe omunye uzakwabo ubanike uR300, omunye wabasolwa wafaka izinhlamvu esibhamini, watshela umshayeli ukuthi uma eqeda ukuzifaka bazozithulula kuyena zonke.
“Bathe imali agoloza nayo akuyona eyakhe ngoba itekisi akuyona eyakhe, ngeke kube ukuthi ngo-4.30 ntambama usasebenze uR300 kuphela, wavele wabanika yonke umshayeli,“ kusho umshayeli.
Uthe naKwaBester erenki ngezikhathi zasekuseni, bahlale bedlula abesifazane bekhala ubumayemaye, bephucwa izikhwama.
“Kwenye itekisi bathe uma sebeqede ukubabamba inkunzi bababuza ukuthi bayayazi yini iWest, baphendula ngokuthi cha, bathi iWest yibona, banamalungu angu-200, ngeke benziwe lutho,” kusho umshayeli.
Umsunguli weNtuzuma Neighbourhood Watch, esisabalale nakwamanye amalokishi eTheku afana noMlaza, KwaMashu neNanda, uMnuz Andile Jali uthe isimo sakuleya ndawo sesidinga iNatonal Intervetion Unit (NIU).
Udalule ukuthi sekukhona imindeni esithuthile endaweni, ixoshwa yigenge yeWest ne-East.
“Bafuna ukuthi kube khona izindlu ezingahlali muntu ukuze bezothi uma beqeda ukucanasa, bahlale kuzo. ”Leya ndawo ayisalawuleki. Namalungu ethu asenomuzwa wokuthi impilo yawo isengcupheni njengoba eqapha ubugebengu engenazikhali. Lama genge afuna ukuyiphatha indawo,” kusho uJali.
Okhulumela iSouth African National Taxi Association (SANTACO) KwaZulu-Natal, uMnuz Sfiso Shangase uthe lobu bugebengu buyisihlava abasigxekayo.
“Sibuhlungu ngoba kuhlukumezeka abagibeli ezimotweni zethu. Siphinde siphathwe kabi wukuthi nathi siyalahlekelwa uma kuphucwa nabashayeli imali abasuke beyisebenzile,” kusho uShangase.
Uqhube wathi lukhona uhlelo abaphezu kwalo lokuzama ukuqinisekisa ukuphepha kwabagibeli kulezi zigilamkhuba kodwa wathi akafuni ukudalula yonke into.
“Zingaze zithole ngezinhlelo esinazo zokulwisana nobugebengu bazo,” kusho yena.
Uphinde wathi bagqugquzela osomatekisi ukuthi bafake amakhamera ematekisini abo ngoba nawo ayasiza ngobufakazi obuqandula ikhanda.
Ihhovisi lezokuxhumana emaphoyiseni aKwaZulu-Natal, lithe lidinga imininingwane egcwele ngezigameko ukuze likwazi ukubheka ukuthi akhona yini amacala avuliwe ngalokhu.