UMNDENI usola ukuthi liqale labanjwa inkunzi, lashaywa lase liyabulawa ilungu lawo, isidumbu salo esitholakale silahlwe epulazini eliseGuzulu, eMpangeni ngoLwesihlanu.
Umufi uMnuz Lindani Mtholephi Mkhwanazi (28) ugcine ukubonakala ephila ngo-Ephreli 4.
Kuthiwa wacela u-lift ngo-8 ebusuku elolini elilayisha izimoto elalipake egaraji okwethiwa kulona uphethroli eHluhluwe.
Kuvela ukuthi wayekade elibangise eSikhaleni eJ1 lapho abekade eqashe khona.
Izithombe ezizungeza ezinkundleni zokuxhumana, ezisuselwa kwividyo, ziveza uMkhwanazi engena kuleli loli elingabonakali kahle izinombolo zalo.
Udadewabo kamufi, uNksz Buhle Mkhwanazi uthe umndeni awungabazi ukuthi umfowabo ubulawe abantu ayekade ecele kubona u-lift.
“Labantu bamshaya waphuma amazinyo futhi belingekho ikhadi lasebhange ngesikhathi etholakala.
“Ubegqoke isikibha, i-trunk nebhulukwe ebese lisemaqakaleni okungezona izingubo zakhe,” kusho uNksz Mkhwanazi ngosizi.
Uqhube wathi ifoni kamufi ithathwe amaphoyisa, umndeni wasala nesikhwama semali sikamufi oshiye emhlabeni ingane eyodwa eneminyaka eyisikhombisa.
UNksz Mkhwanazi udalule ukuthi umufi uneziqu zeMechanical Engineering athweswa zona ngo-2022.
Uveze ukuthi ushona nje ubesezinhlelweni zokuqala ibhizinisi lakhe emuva kokwesula emsebenzini eThekwini.
“ULindani unayo eyakhe imoto kodwa wayishiya eSikhaleni ngesikhathi evakasha ekhaya eBhekabadletshe ngePhasika.
“Sisola ukuthi wacela ulift esebuyela emuva nokuyilapho eduke khona njengoba etholakala eseshonile,” kusho uNksz Mkhwanazi
Uchaze nokuthi akukho ukulimala nezibazi umufi akade enazo emzimbeni, balinde umbiko kadokotela wokuhlolwa kwesidumbu okuyiwona ozocacisa ukuthi ubulawe yini futhi kanjani.
“Siyasola ukuthi isidumbu sakhe siqale sagcinwa endaweni ethile ngaphambi kokuthi siyolahlwa eGuzule. ”Besingonakele futhi singadliwanga yizilwane,” kusho uNksz Mkhwanazi.
Uthe bathole ngomufi emuva kokuthi efonelwe owesifazane omtshele ukuthi ubona isidumbu sendoda efana nalena esesithombeni ezinkundleni zokuxhumana abebecele khona ukufuniswa.
Ucingo lwelanywe olunye lowesilisa osho into efanayo. UNksz Mkhwanazi uthe bafike endaweni yesigameko esethathwe ngamaphoyisa umufi, kodwa bamhlonze emakhazeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Ntal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMpangeni avule idokodo ngemuva kokutholakala kwesidumbu sowesilisa ebese siqala ukonakala ngoLwesihlanu.
"Umbiko wokuhlolwa kwesidumbu iwona ozocacisa ngembangela yokufa," kusho uNetshiunda.
--