UBUHLE bamasiko esiZulu yibona obamheha wagcina esephila njengawo amaZulu usomabhizinisi ongowoMdabu waseNdiya uMnuz Ishwar Ramlutchman osaziwa ngoMabheka Zulu odabuka KwaDukuza.
Lo somabhizinisi ungumsunguli wenhlangano iSivananda World Peace Foundation. Inyanga yonke kaSepthemba kuzobe kuqhakanjiswa amasiko ezinhlanga ezahlukene. URamlutchman uthi uqale ukuzifela ngamasiko akwaZulu esemncane ngesikhathi ehambele Umkhosi weLembe KwaDukuza nalapho ayefike abone khona amabutho neSilo samaBandla bevunule kahle.
Uthe empeleni amasiko alezi zizwe zombili ayefana ngoba zombili zishumayela inhlonipho nobumbano nokugcinwa kwamasiko.
"Ngithe sengiqedile isikole ngahlangana neSilo ngazethula kuso saxoxa ngasitshela ukuthi ngiyathanda ukuba yingxenye yamaZulu. Sangemukela kahle, iSilo singumuntu olungile ohlala efisa nokusiza abantu ikakhuluakazi abahlwempu," kusho uRamlutchman.
Uthe uma esevunule econsa ngebheshu lakhe esegushe ngesihlangu sakhe, uvele azizwe engumZulu woqobo.
"ISilo saze sangihlonipha ngokungifaka ebuthweni Izinyosi nokungelinye lamabutho aseNdlunkunlu kaZulu. Ngajabula kakhulu ngoba ngabona ukuthi sengingaphansi kweSilo, sesifana nobaba kimi."
Uthe lobu budlelwano bakhe neMbube ububona bubalulekile ngoba kugqugquzela ukuzwana phakathi kwabantu bezinhlanga ezahlukene abahlala KwaZulu-Natal. Uthe ukucwasana ngokwebala ukuzonda kabi futhi enye yezinto azikhuzayo uma ehambela imiphakathi eyahlukene. Uveze ukuthi basekhona abantu abambuka bemnyonkoloza uma bembona ephansi phezulu namasiko amaZulu ebe engowoMdabu waseNdiya. Abanye baze bangamkhulumisi uma ebabingelela ngesiZulu.
UHLALA eseduze neSilo uMnuz Ishwar Ramlutchman odume ngelikaMabheka Zulu ebuthweni Izinyosi
“Ngike ngibingelele abantu ngesiZulu ngibone nje ukuthi bayachiza bayaxakeka ukuthi leli Ndiya liluthathaphi ulimi lwethu. Abaningi kodwa bayajabula baya-ngemukela, ngiphile nabo ngoba ngingumuntu osiza kakhulu abantu abahlwempu.’’
Uthe ubambisana neSilo ezinhlelweni ezahlukene uma kudingeka iminikelo yokutakula abantu abasezimeni ezinzima zempilo. Uthe kunabantu abaningi abahlwempu abakhele izindlu enikela nakwezinye izihlelo ezehlukene zokufukula abahlwempu.