Iphoxekile iCosatu kuphunza imizamo yokuhlenga imisebenzi engu-4 889 yabasebenzi beSouth African Post Office (Sapo), abadiliziwe emuva kokuthi isicelo soxhaso lwe-Temporary Employment Relief Scheme (TERS) singaphumelelanga.
Ababhekelele ukuhlenga iposi bebefake isicelo kwi-UIF ukuthi ikhokhele abasebenzi amaholo izinyanga eziwu-12 ngesikhathi beseza nezinhlelo zokuletha uzinzo eposini. Lesi sicelo besibhekwa ngaphansi kweCCMA okuyiyona ebhekelele izinhlelo zokudilizwa kwabasebenzi.
Kuleli sonto kuvele izindaba zokuthi isicelo asiphumelelanga ngoba ababhekelele ukuhlenga iposi abanazo izinhlelo ezicacile zokungenisa imali nokugcina abasebenzi beqashiwe.
ICommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA) iye yasichitha lesi sicelo ikhala ngokuthi ngeke imise ukudilizwa kwabasebenzi ngoba izinhlelo bezithi basazodilizwa emuva kwezinyanga eziwu-12 kade beholelwa yiTERS.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesonto eledlule Isolezwe belibike ukuthi kuzohoxiswa izinyanga eziwu-12 ukudilizwa kwabasebenzi njengoba bekufakwe isicelo seTERS, kodwa manje ababhekelele ukuhlenga iposi bathe bazodilizwa abasebenzi.
UMnuz Anoosh Rooplal obhekelele izinhlelo zokuhlengwa kweposi, uthe baphatheke kabi ngokungaphumeleli kwesicelo sabo.
“Ngesikhathi sifaka isicelo sasho ukuthi ukudilizwa kuzomiswa isikhashana njengoba sasifake isicelo seTERS.
“Njengoba singaphumelelanga abasebenzi abawu-4 889 bazodilizwa. Sizamile ukuhlenga imisebenzi kodwa asiphumelelanga.
“Siyazi lesi sinqumo sizoba nomthelela omubi kubasebenzi abathintekayo nemindeni yabo, siyaxolisa ngalokhu,” kusho uRooplal.
Izindaba zokudilizwa kwabasebenzi baseposini ziqale ukuvuthwa ngonyaka odlule ngesikhathi ababhekelele izinhlelo zokulihlenga bethi ukunciphisa abasebenzi kuzolisiza ukonga imali.
UMnuz Matthew Parks ongumkhulumeli weCosatu osabambile, uthe sibaphoxile isinqumo seCCMA sokuchitha isicelo seTERS.
“Asikwazi ukulahlekelwa yimisebenzi njengamanje. Sizokhuluma noNgqongqoshe wezemiSebenzi nowezokuXhumana ngalolu daba,” kusho uParks.
Iposi linezikweletu ezingaphezu kuka-R3 billion okubalwa nemali yokurentela amaposi ahlukene.
Amaningi asevaliwe kanti imiphakathi yasemakhaya iyakhala ngokuvalwa kwamaposi.
Emakhaya abantu basasebenzisa amaposi ukuhola izibonelelo, ukulondoloza imali, ukulanda imishanguzo nezinye izinsiza.