USEZAKHELE igama ngokucula neqembu, umdanso ongasukumi phansi, nokungapheli lapho iCape Town City FC isuke idlala khona uMateo Manousakis ongumlandeli wokuqina we-The Citizens.
Nakuba esephenduke isithandwa kubadlali nakubalandeli bakanobhutshuzwayo kuleli kodwa uMateo (7) utshele Isolezwe into eshaqisayo ngaye ngesikhathi enengxoxo naleli phephandaba.
“Uma ngingakutshela iqiniso esikoleni engifunda kusona eKapa nalapho sihlala khona abangazi nokuthi ngiwubani. Phela angithi izingane zingabelungu kanti nothisha bethu bangabelungu manje abazi lutho ngebhola. Into nje abayaziyo yibhola lombhoxo kuphela,” usho kanje uMateo ngesikhathi evakashele eThekwini ngempelasonto ezakhe zimuka nesicoco seMTN8, eMoses Mabhida Stadium.
UMateo ufunda eDurbanville Preparatory School, eKapa. Ufunda uGrade 2. Uyindodana yephini lomqeqeshi weCity uVasili Manousakis. Leli phephandaba libuze lesi silomo ukuthi sizizwa kanjani ngomqeqeshi weCape Town City uBenni McCarthy. Lo mqeqeshi uzakhele igama enqoba okokuqala isicoco esengumqeqeshi ngokushaya iSuperSport United ngo 4-1 sekukhahlelwa amaphenathi.
“Ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu kakhulu. Engikuthanda ngaye wukuthi usenzela yonke into edingekayo eqenjini ukuze sinqobe. Ngiyazifela ngaye,” kusho uMateo ovele akhulume azibhadlulukele kucace ukuthi ubungane busathe bhe.
Ngemuva kokunqoba isicoco seMTN8, uMcCarthy uphonsele inselelo abaphathi bamaqembu, wathi abaqunge isibindi bazifundise ukuqasha abaqeqeshi abasebancane.
“Ngijabule ngokuthi sengigcine ngokuthi ngisinqobe isicoco sami sokuqala. Ngiyafisa ukuthi izikhulu zamaqembu zibaqashe abaqeqeshi abancane ngoba nakhu izithelo ziyabonakala. Ngiyazi ukuthi kuba lukhuni ukuqasha umqeqeshi ongenasipiliyoni kodwa ngiyethemba ukuthi engikwenzile kuzovulela abanye abaqeqeshi bakuleli abancane ithuba lokuthi nabo baqashwe,” usho kanje uMcCarthy ngemuva komdlalo.
Isikhulu seCape Town City, uJohn Comitis, sithe njengoba iqembu lihlabane ngoR8 million, abadlali bazohlukaniselana uR4 million.