NONKULULEKO NHLAPO
UHLUKANISE inhloko nesixhanti uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, evuna uMntwana uMisuzulu kaZwelithini njengokuyena ofanelwe ukuthatha isihlangu sikayise okhothame ngonyaka owedlule.
Lokhu kulandela isimemezelo esikhishwe yiHhovisi likaMengameli namuhla esithi, ngokwesiGaba 8(3)(a) kanye no (b) soMthetho wobuHoli beNdabuko namaKhoi-San, wango-2019, uhlonipha uMntwana okhethiwe uMisuzulu Sinqobile Zulu njengeSilo sikaZulu.
Lokhu kulandela ukudlula emhlabeni kweSilo SamaBandla, uZwelithini kaBhekuzulu, ngoMashi ka-2021 nokudlula emhlabeni kukaNdlunkulu, iNdlovukazi uMantfombi MaDlamini-Zulu, ngo-Ephreli 2021.
Ngokwezidingo zoMthetho, indlunkulu ibone uMntwana uMisuzulu Sinqobile Zulu njengomuntu ofanelekile ngokomthetho wesintu ukuthatha isikhundla seSilo bese efaka isicelo kumengameli ukuze ahlonishwe njengoba kudingwa ngumthetho.
Ukuhlonishwa kweSilo esikhethiwe ngumengameli kulandela ukubonisana noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu noNdunankulu waKwaZulu-Natal.
UMengameli Ramaphosa udlulise izilokotho ezinhle kuNgangezwelakhe iSilo uMisuzulu kaZwelithini ngesikhathi ehlonishwa ngokusemthethweni njengeNgonyama kaZulu.
“Ukuqokwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithini yinto ebaluleke kakhulu emlandweni kaZulu. ISilo sijoyina uhlu olude lwamakhosi ohlanga ahlonishwayo, aba nesibindi sokulwela inhlalakahle nokuvikeleka kwesizwe sikaZulu,” kusho uRamaphosa.
Uthe usho ngazwi linye neNingizimu Afrika yonkana ekufiseleni iSilo uMisuzulu kaZwelithini ukubusa okude nokunempumelelo.
EZINGENAYO: ISilo uMisuzulu Sinqobile Zulu sivunywe umengameli uCyril Ramaphosa. pic.twitter.com/GyD80213Jt
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) March 16, 2022