UMMANGALELWA wesihlanu ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa, uFisokuhle Ntuli, uvumile ukuthi ngeyakhe inombolo yocingo okwake kwavela ukuthi ixhumane noKelly Khumalo.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly eVosloorus, eGauteng, ngo-2014. UMbuso uthi abamangalelwa abahlanu bamkakisa okwenyamazane uMeyiwa bethengiwe.
NgoLwesine, kuvele ukuthi uNtuli uyayivuma inombolo okuthiwa waxhumana ngayo noKelly ngaphambi kokufa kukaMeyiwa.
Ummeli kaNtuli, u-Advocate Zandile Mshololo, ubepheka ngemibuzo ungoti wamaselula uLiutenant Colonel Gideon Gouws ngesikhathi kuvela lokhu. Kuvele izinombolo eziningi eziyamaniswa noNtuli, waziphika wazikhomba ezihlotsheni zakhe, wavuma eyodwa.
Inombolo avumile ukuthi ngeyakhe yileyo eyahlonzwa wungoti wamaselula, uColonel Lambertus Steyn, njengokuyiyona uNtuli axhumana ngayo noKelly. UColonel Steyn nyakenye, wethula ubufakazi wathi uNtuli waxhumana noKelly ngo-Agasti 2014 kuyoshaya u-11, ebusuku baxoxa cishe imizuzu emibili.
UMshololo uthe uNtuli uyayiphika enye inombolo uthi ekanina uBathethelele Zungu ongasekho emhlabeni. Enye inombolo uyiphikile wayikhomba kuMabhonga Ntuli naye okuthiwa sewashona.
Kukhona enye inombolo ayiphikile wayikhomba kuLungisani Ndwandwe ophilayo nokuvele ukuthi uzobizwa azofakaza. UMbuso uthi uNtuli unolwazi ngokufa kukaMeyiwa, wayekhona eshayela iVW Polo.
UMbuso uthi uNtuli wayemi ngaphandle nommangalelwa wesine uMthokoziseni Maphisa, beqaphe isimo ngesikhathi abanye begila umkhuba ngaphakathi.
UMbuso umile ekutheni abamangalelwa bathengwa ukuthi bajuqe uMeyiwa futhi lokhu kwahlelwa ehostela eVosloorus. Kulindeleke ukuthi icala libuyele enkantolo namuhla, kuqhutshekwe kuphekwe ungoti wamaselula ngemibuzo.