UNGQONGQOSHE wezikaGesi, uDkt Kgosientsho Ramokgopa, usezwakalise ukukhathazeka ngokubambezeleka kokulungiswa komshini kagesi esikhungweni esiwuphehla ngenuzi, iKoeberg.
URamokgopa uthe uhlelo lokunqamula ugesi alwehli ngendlela akade belindele ngayo ngenxa yokufa kwemishini nokubambezela kweminye ekhandwayo.
Uveze ukuthi ucikekile ngokuthatha isikhathi eside kokulungiswa komshini ophehla ugesi eKoeberg njengoba kufanele kucishwe omunye okufanele ulungiswe.
Uthe uma le mishini icinywa kanye kanye kusho ukuthi ngeke kube khona ugesi owu-1 840MW olingana nezigaba ezimbili zokunqamuka kukagesi.
“Ngeke ngigxambukele odabeni lwaseKoeberg yize lungicika futhi ngiyabona nje ukuthi izikhulu zase-Eskom azizange zilusingathe ngendlela efanele. Sisembhidlangweni wokuxazulula izinkinga zokunqamuka kukagesi kodwa uma imishini ingabuyi ngesikhathi esifanele kuphazamiseka izinhlelo zethu,” kusho uRamokgopa.
Uthe uma esuka esithangamini sabezindaba uzoyobheka eGrootvlei lapho kuqubuke khona umlilo, ukubona umonakalo owenzekile.
Njengamanje uthe izwe linogesi owu-28 643 kanti ngesikhathi kubanda kakhulu kuye kwanyuswa isigaba sokunqamuka kukagesi safika kwesesithupha ngenxa yokuthi bekudingeka ugesi owu-33 000MW ezweni jikelele.
URamokgopa uthe akangabazi ukuthi bazoyixazulula inkinga yokunqamuka kukagesi ngoba ngo-Okthoba kuzosebenza umshini owodwa olungiswayo eKusile bese kuthi ngo-Disemba 24, kubuye eminye emithathu. Lokhu kuzofaka ugesi owu-3 000MW e-Eskom.
“Silindele ukuthi ngehlobo sehle isidingo sikagesi, okusho ukuthi sizokwazi ukucima imishini ethile siyilungise. Sizoyixazululula inkinga kagesi, angingabazi nakancane. Siyacela abantu bakuleli bacime impahla kagesi abangayisebenzi futhi bangasheshi ukukhanyisa yonke into uma ugesi ubuhambile,” kusho uRamokgopa.
Uxwayise abaziphehlela ugesi abasebenzisa ama-battery nama-inverters ukuba balinde okungenani amaminithi awu-30 ngaphambi kokuthi bakuxhume kugesi uma kade uhambile ngalapho behlala khona.
Uthe ukukhanyiswa kwalezi zinto kudla ugesi owu-1 500 okuye kuphazamise izinhlelo zokongiwa kukagesi.
URamokgopa uthe bayaqhubeka nezinhlelo zokwandisa ugesi ezweni futhi babheka nezindlela zokuzixhasa njengoba i-Eskom ingenayo imali eyanele.