UMLINGISI wodumo lakwiRed Ink ne-Outlaws, uNirvana Nokwe-Mseleku usenikele ezinkundleni zokuxhumana, wagonyuluka ngesigameko athi senzeke esemsebenzini, sokuhlukunyezwa ngothile ayesebenza naye.
Lokhu kuza ngemva kweziqephu ezisanda kukhonjiswa emdlalweni wakwiSABC 1 iSkeem Saam, ezishiye abaningi bengawuvali umlomo futhi benemibono ehlukene ngazo.
Embhalweni awufake ekhasini lakhe lakwi-X, uNirvana uthe iziqephu zeSkeem Saam yizona ezenze wabona kufanele naye ukuthi akhulume ngokwamehlela. Uthe walivula icala malungana nokwamehlela, wayiswa eziteshini zamaphoyisa ezinhlanu, ngenhlanhla kuzona zonke lwezwakala udaba lwakhe, ngaphandle kwesisodwa lapho engasizakalanga khona.
Uthe okumphatha kabi kakhulu ngalokhu wukuthi ayekucelile ukuthi elulekwe ngokumehlele futhi nokuthi lowo othintekayo esigamekweni axolise ngokwenzeka, kugcine kungenzekanga.
“Lesi simo siveza ubunjalo bezingqinamba esibhekana nazo kule ndima nasezweni lonkana, futhi sibeka obala ubumqoka bokuziveza ukuze kubuyiswe ubuntu ebantwini,” usho kanje uNirvana.
UNirvana uveze nokuthi isehlakalo sithikameze ukuzethemba kwakhe futhi senza azizwe engaphephile uma esemsebenzini, nokuthi kwamdumaza ukuthi abantu abengamele lolu daba bakhombisa ukulukhahlela ngezinyawo, balufela ngamathe.
Enaba ngokwamehlela, uthe yena nozakwabo amsolayo babenza isiqephu eseyamene nocansi, wamchazela ngezindawo ayengafuni ukuthi amthinte kuzona, nayengamthinta kuzona. Uthe wamchazela ngokucacile ukuthi angamthinti emathangeni.
Uthi kwathi sebesebenza, uzakwabo lowo wawephula umgomo ayembekele wona, wamthinta ezindaweni okungafanele azithinte lokho kwenza wazizwa edelelekile futhi ehlukumezeke kakhulu.
“Lesi sigameko senzeka kusebusuku ngaleli langa esasisebenza ngaso, esikhathini lapho okwakulindeleke khona ukuthi wonke umuntu enze izinto ngendlela efanele nenenhlonipho. Sobabili sasikuqonda ngokuphelele okufanele nokungafanele,” usho kanje.
Uthe okumcika kakhulu wukuthi uzakwabo wakhuluma ngendlela ‘ ebolile’ ngemuva kwalokhu. Uthe wathi kuyena ‘abasiqhubeze’ lesi siqephu ababesiqopha. Ngamanye amazwi wayesefuna ukuthi benze abebekwenza kulesi siqephu okwangempela.