UMDLALI wasemuva kwi-Orlando Pirates, uMbekezeli “TLB” Mbokazi, osekhombise ukuba yisiqongqwane sesitobha esingasinisi mahleza uma sibhekene nabagadli, uphinde wakhombisa olunye uhlangothi lobunsizwa ngenkathi kusuka izibhelu ngemuva komdlalo wePirates ne-MC Alger yase-Algeria, e-Orlando Stadium, ngoLwesithathu.
Sekungumlando ukuthi eZimnyama zidlulele kweyandulela owamanqamu eCaf Champions League ngokuguqisa i-Alger ngo 1-0 uma sekuhlanganiswa igoli lomdlalo womlenze wokuqala yize owangoLwesithathu womlenze wesibili uphele zibambene ngo 0-0, kodwa okwenziwe ngophuma silwe beqembu lase-Algeria ngemuva komdlalo, yikho okuthathe amehlo kwashaqisa nabathandi bebhola abaningi baseNingizimu Afrika.
Ngemuva kokuba uzakwabo kaMbokazi, uNkosinathi “Bhodlela” Sibisi, ezama ukuvimbezela umbhemu we-Alger obemshaye ngesigubhu samanzi, yilapho okubonakale khona ukuthi isisukile, ongaphansi nongaphezulu.
Kodwa kuwo lowo mnyama ibambene ngezihluthu kungubuhluthuhluthu, kuqhuma iqupha nesicathulo kundiza nezigubhu zamanzi emoyeni, kwi-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana, uMbokazi wansondo ubonakale eqonda ngqo lapho kushisa khona engahlehli kucaca ukuthi uyasho ngenhliziyo ukuthi "bafike lapho zishukwa khona laba, ngingowaKwaNibela mina, ngaqhathwa."
Ngaleso sikhathi kubonakale unozinti, uSipho Chaine noDeon Hotto, bebaleka becasha ngemuva kwe “TLB” - okuyisiteketiso sikaMbokazi - kucaca ukuthi bayayethemba le nsizwa yaseHluhluwe ukuthi ingakwazi ukuyibamba ishisa, ibavikele kulaba bhemu base-Algeria abebengazwile.
Noma engabonakalanga egadla uMbokazi, kodwa kubonakele ukuthi nebala uyinkunzi kayihlehli, uhamba emazwini akhe ahlale ewasho ukuthi yena akafuni “ukuhlulwa ngumfana wakomunye umuzi, noma ngabe ungakanani.”
Nebala kule midlalo eyisikhombisa asayidlalile, okubalwa nemibili yeChampions League, kusukela ekhushulelwe esikimini esikhulu seZimnyama, uMbokazi usekhombisile enkundleni ukuthi uyinsizwa nebutho elikulungele ukuyibamba ishisa nanoma ngasiphi isikhathi, ikakhulukazi njengoba leli qembu lisabhekene nempi yokuvikela isicoco seNedbank Cup nokubuyisa inkanyezi yesibili yeChampions League.