BAGIXABEZWE ngezigidi zamarandi zokulungisa ingqalasizinda yamanzi omasipala baKwaZulu-Natal abasebenzisa kahle imali yezinhlelo zamanzi.
UMnyango wezaManzi nezeNhlanzeko wabele omasipala baKwaZulu-Natal uchatha ka-R317 million, wezibonelelo eziqondene nokulungiswa kwengqalasizinda yamanzi, iRegional Bulk Infrastructure Grant (RBIG) neWater Services Infrastructure Grant (WSIG).
Omasipala abahlomulile ngochatha ngaphansi kwesibonelelo se-WSIG, uMasipala Ugu, Amajuba nowaseNewcastle, bonke abanikezwe u-R15 million.
UMasipala iZululand iwona ohlomule kakhulu njengoba uthole u-R217 million ngaphansi kohlelo lwe-RBIG, waphinde wathola u-R55 million ngaphansi kohlelo lwe-WSIG.
UMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ukushayele ihlombe ukunikezwa kwemikhandlu uchatha.
UButhelezi uthe le mikhandlu inikezwe uchatha ngenxa yokuthi iyisebenzisa kahle imali yezinhlelo zamanzi esuke iyinikeziwe.
UButhelezi uthe ukunikwa kwemikhandlu uchatha kuzokwenza umehluko omkhulu.
"Le mali ikhombisa ngokusobala ukuthi uhulumeni uzimisele ukuhlinzeka bonke abantu ngamanzi. Lo chatha uzokwelekelela kakhulu emkhankasweni wokufakela abantu amanzi ikakhulukazi labo basezindaweni zasemakhaya."
Labo masipala banikezwa le mali nje, akukapheli sikhathi esingakanani kunikezwe abanye omasipala baKwaZulu-Natal uchatha.
Omasipala baKwaZulu-Natal abayisikhombisa basanda kunikezwa u-R30 million ngaphansi kwesibonelelo sengqalasizinda yomasipala, iMunicipal Infrastructure Grant.
Bona banikezwa uchatha ngenxa yokuthi bayisebenzisa kahle imali yalolu hlelo ababeyinikwe ngonyaka owedlule.
Omasipala abahlomula uMasipala uMgungundlovu owathola u-R10 million, iZululand owahlomula u-R6 million, owaseGreater Kokstad owathola u-R7 million, owasoLundi wona owathola u-R3 million.
Omasipala abathathu, owaseMzumbe, owasoKhohlamba nowaseBuhlebezwe bathola u-R1.5 million ngamunye.
"Bonke omasipala kufanele babukele kule mikhandlu. Kubalulekile ukuthi bonke omasipala babeke phambili ukwakhiwa kwengqalasizinda ukuze kuzothuthuka imiphakathi."
UButhelezi uthe bazoqhubeka nokuqapha ukusebenza kwemali komasipala.