UZOYIVALA kusenesikhathi uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal eminye yemigwaqo ezokhahlanyezwa ukukhithika kwezulu kulesi sifundazwe.
Lokhu kushiwo uMphathiswa walo mnyango, uMnuz Siboniso Duma ngoLwesine ngesikhathi enesithangami esiphuthumayo nabezindaba eGreyville eThekwini.
UDuma ubize lisithangami ngenhloso yokuzochazela izakhamuzi ukuthi isifundazwe sikulungele kangakanani ukubhekana nokukhithika kwezulu okuthiwa kuzoba khona ngoMsombuluko nangoLwesibili.
Phakathi kwezindawo okuthiwa zizokhahlamezeka kukhona uMnambithi, Underberg, Drakensburg, Giant’s Castle nezinye izindawo eziphakeme ezakhele lezi zindawo. Kuvele nokuthi lokhu kungahle kulandelwe yimvula enamandla kulezi zindawo, eThekwini, nakwezinye.
UDuma uthe phakathi kwezinto abazimisele ngokuzenza ukuthi bayivale imigwaqo esezindaweni okuphume isexwayiso sokukhithika kuzo.
“Kulokhu sizoyivala ngempela imigwaqo futhi ngeke sisithambise isandla kubashayeli,” kusho uDuma.
Uveze ukuthi ngempelasonto eyedlule ngesikhathi kuhlasele inkinga efanayo, kube khona ukungabambisani kahle phakathi kwabo nabashayeli ababekhombisa ukungayizwa eyokuthi imigwaqo iyavalwa ngenxa yeqhwa.
Uthe balungise nogandaganda abangu-23 ukuthi bame ngomumo ukuze bayogugula iqhwa emigwaqweni ezokhahlamezeka.
“Sibankanise ezindaweni ezehlukene okuvele ukuthi zizoba nale nkinga,” kusho uDuma.
Uveze nokuthi bankanise namathimba ezinhlekelele anesipiliyoni, ukutze akulungele ukuthi uma sesiqala isimo, akwazi ukuqala umsebenzi olindeleke kuwo. Uthe lama thimba aphinde acijwa ukuthi azowenza kanjani lo msebenzi ngokushesha.
Ubalule nokuthi bavivise namaphoyisa omgwaqo ukuthi nawo ame ngomumo ukunika umhlahlandlela emigwaqweni ezokhahlamezeka ukuze kulawuleke isimo nabashayeli.
Uthe imigwaqo eseqhulwini kuleyo abazoyiqapha ngeso lokhozi, uN3 ngaseHarrismith, umgwaqo uTugela, uR617 phakathi kweKokstad ne-Underberg, iMooi River neminye.
Ephawula ngenhlekelele eyenzeke ngempelasonto, uthe bafunde isifundo sokuthi kufanele bahlele baphinde bazilungiselele kusenesikhathi.
Uthe bayaqonda ukuthi okunye ngeke kume ngomumo masinyane njengoba elakuleli liyizwe elisathuthuka, wathi izinto ezifana nemishini efanele nengqalasizinda kuzothatha isikhathi ukuthi kufinyelele ezingeni.
“Okukhulu kunakho konke esikufundile ukuthi izexwayiso zezulu kufanele sizithathele phezulu sonke. Abantu abaningi uma zikhishwa lezi zexwayiso, abazikholwa,” kusho uDuma.
Uqhube wathi okwenzeke ngeledlule kufanele kukhumbuze abantu ukuthi indaba yokuguquguquka kwesimo sezulu yinto okufanele bazi ukuthi iyinto yangempela futhi isiyingxenye yempilo yezakhamuzi zakuleli.
Uxwayise nangokuthi kulezi zinsuku okulindeleke ngazo ukukhithika, abantu bayanxuswa ukuthi uma uhambo lungaphuthumi, abangaluthathi, kuze kudlule isimo esibi sezulu.
Esigamekweni sokuvaleleka kwezimoto emgwaqweni ngempelasonto, kwashona abagibeli ababili ngenxa yokungenwa amakhaza kakhulu.
Zingaphezu kuka-1 800 izimoto ezavaleleka emgwaqweni uN3 noN11 kuleso siwombe.