UNGQONGQOSHE wezamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, uthi bangu-13 679 abasolwa asebeboshiwe ngamacala ehlukene okubalwa awokubulala, ukudlwengula nokushaya kusukela kwethulwa umkhankaso wezokuphepha ngala maholidi okuphela konyaka.
Umkhankaso wethulwe ngo-Okthoba 11 eGauteng.
Ekhuluma e-Eastern Cape kuthangi, uzwakalise ukugculiseka ngendlela okuqhubeka ngayo umkhankaso. Izolo ubuqhubeka eMthunzini, KwaZulu-Natal, lapho ethembise ukwandisa ukubonakala kwamaphoyisa yonke indawo ngesikhathi samaholidi.
“Amaphoyisa agcwele yonke indawo eqinisekisa ukuthotshelwa komthetho nokulwa nayo yonke inhlobo yobelelesi,” kusho ungqongqoshe.
Wengeze ngokuthi amaphoyisa asanda kujoyina umbutho angu-2 699 ango-constable nawo enza umsebenzi oncomekayo ezindaweni ezehluekene ezweni ngokuqinisekisa sokuthi izivakashi ziphephile.
Amaphoyisa amasha angu-526 atshalwe eziteshini ezehlukene nasemathimbeni amaphoyisa ase-Eastern Cape ukulwa nobugebengu.
UMchunu uthe akangabazi ukuthi amaphoyisa amasha azokhathula indima emqoka ekulweni nobugebengu ezweni.
Uthe abomthetho babheke kakhulu ubugebengu obuxakile ezweni okubalwa kubo ukuhlukunyezwa kwabantu ngokobulili, ukubanjwa kwenkunzi, ukudunwa kwezimoto nokugqekezwa kwemizi nezindawo zamabhizinisi.
Uthe abomthetho bazokwenza lokhu ngokubambisana namaphoyisa omasipala futhi nasemingceleni yezwe kuzokube kunkanise amaphoyisa nezinye izinhlaka.
Eqhuba, uzwakalise ukukhathazeka ngokwanda kwezingozi zomgwaqo ikakhulu esifundazweni i-Eastern Cape. Uthe amaphoyisa azosebenzisana kakhulu noMnyango wezokuThutha ukuze kuncishiswe ukuchitheka kwegazi emigwaqweni.
Uthe amaphoyisa azobonakala ezulazula emigwaqweni emikhulu nakuleyo ejwayele ukuba nezingozi ezidlula nemiphefumulo yabantu.
Uthe selokhu kuqale umkhankaso wabo ngo-Okthoba sekuvalwe inqwaba yezindawo ezihweba ngejiki ngokungekho emthethweni futhi kwaboshwa abanye ngamacala abucayi okubalwa awokudlwengula nawokubulala.
NaseMthunzini izolo, uMchunu uthe sekuboshwe amakhulu abantu abatholwe nezibhamu kanye nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Uthe amaphoyisa athole nezimoto ezintshontshiwe ezingu-298 ngokunjalo nezimpahla ezingeniswa ezweni ngokungemthetho, ezingombombayi.
Ugcizelele ukuthi izinhlelo zabo zokulwa nobugebengu zesekwa yizinhlaka zobunhloli ngakho izigebengu ngeke zibe nantuba ngoba bathola ngobugebengu obuningi bungakenzeki, bese beyabunqanda.