UNOBHALA Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthi gede ngendaba yokusola iqembu elibusayo ngezinkinga ezikhungethe lowo owayengumengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma nebhange iFNB.
Ngesonto eledlule, kwasuka omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana, iphephandaba langeSonto iSunday World libika ukuthi iFNB isivale i-akhawunti kaZuma.
Abantu abaningi kuleli bavele bakhomba i-ANC njengeqembu okuyilona elisasazele uZuma ngaleli bhange ngoba esebuye ngezinkani kwezombusazwe.
Leli bhange lize lakhipha isitatimende ezinkundleni zokuxhumana licacisa ngokwenzekayo nokuthi ayivaliwe i-akhawunti kodwa kuvinjwe imali ephumayo kuphela.
“Ayivaliwe i-akhawunti ngoba ikhona imali engenayo kodwa kuvinjwe kuphela ephumayo. Lokhu kube ngumyalelo wenkantolo njengoba kuqhubeka icala lebhange iVBS.”
NgeSonto ntambama, uMbalula unikele enkundleni uX lapho echaza khona ukuthi kungamampunge okushiwo abeMK Party ngokuthi i-ANC inesandla kulokhu.
UMbalula unameke uhlu lwamaphuzu afake uZuma kulolu talayita lwakamuva.
Okuseqhulwini ohlwini lukaMbalula, wukuthi uZuma uhlulekile ukukhokhela isikweletu sakhe neVBS.
“1. Ukuze kucace futhi kuhlakazeke amanga afafazwa yilabo ababizwa nge-"MKP" mayelana "nokuvalwa" kwama-akhawunti kaMnuz Zuma asebhange lakwa-FNB. UMnuz Zuma ukweleta i-VBS, futhi ngenxa yokuthi uhlulekile ukukhokha, ibhange seliyivalile imali ebolekiwe. Ama-Liquidators aya enkantolo athola incwadi yenkantolo yokuvala ama-akhawunti kaMnuz Zuma.”
1. Just for clarity and to debunk the lies spread by the so-called "MKP" about the "closure" of Mr. Zuma's FNB banking accounts.
— ANC SECRETARY GENERAL | Fikile Mbalula (@MbalulaFikile) March 24, 2024
2. Mr. Zuma owes VBS, and because he has defaulted on his payments, the bank has foreclosed on the loan.
3. It's Liquidators approached the court and…
UMbalula uthi lokhu kusho ukuthi uZuma usaseyikhasimende lale bhange elisangaqhubeka nokusebenzisana nalo
Abantu ezinkundleni zokuxhumana abakwamukelanga lokhu, ngoba imibuzo elandele le nkulumo yakhe, ibifuna kucace ukuthi uyitholephi imvume yokukhuluma ngezindaba zikaZuma esidlangalaleni nokuthi ulwazi olungaka useluthathephi?
Bonkosi Ndawonde eKapa: “Ubani obekubuzile, ubani othe cacisa, noma uziphathelwe nje wukuphapha. Akugiywa ngebheshu lomunye umuntu mfo. Nawe kokubutha ubumnyama. Sobohla manyosi!”
Onald: “Kanti usuyisikhulumeli sikaFNB? Sazi unguNobhala Jikele kaKhongolose... Lokhu-ke kuyamangaza.”
Mane Wena Ungenaphi? pic.twitter.com/XuDiMbduJ9
— Maki Marish (@MakiMarish) March 24, 2024
Ungenaphi wena since when you are a spoke person of @FNBSA did they tell you about rand manipulation.
— Sipho kaIsaac 🇿![CDATA[]]>🇦 (@siphonzuza1972) March 24, 2024
Why don't you defend Paul Mashatile and Mama Nosiviwe Nqakula from Stellenbosch Cyril Ramaphosa.#VoteMK_29May2024 🟢![CDATA[]]>🟢⚫⚫ pic.twitter.com/wzpo1KCL55