IPHINI likaMengameli we-ANC nezwe, uMnuz Paul Mashatile, ligxibhe iqembu elibusa ngokubambisana ne-ANC, i-DA, liyisola ngokushaya indiva izindawo ezihlala abantu abamnyama esifundazweni iWestern Cape.
UMashatile uthe i-DA ayizinakile izindawo ezihlala abamnyama.
Ukusho lokhu ngesikhathi ehambele eWestern Cape njengengxenye yokulungiselela umcimbi wokugubha usuku okwasungulwa ngalo i-ANC.
Umcimbi obizwa ngeJanuwari 8, uzokuba selokishini iKhayelitsha, ngeSonto.
Isifundazwe iWestern Cape siphethwe i-DA, kusuka emva kokhetho lwango-2009.
UMashatile uthe uhulumeni waseWestern Cape awuziyisi izidingo emalokishini afana neKhayelitsha.
“Sebezikhohliwe izindawo zasemalokishini nezasemijondolo. Banake kakhulu izindawo ezihlala omacaphuna kusale.”
UMashatile uthe uhulumeni uzoqhamuka nezinhlelo zokufukula izindawo ezinganakiwe.
“Sizobuya lapha njengohulumeni kazwelonke, sibone ukuthi sizozilekelela kanjani lezi zindawo ezinganakiwe. Bonke abantu kufanele bathole izidingo.”
Abaholi be-ANC bebesezingxenyeni ezehlukene eWestern Cape, lapho bebehambe benxenxa abantu ukuthi bahambele umcimbi wangeSonto.
Abaholi abahambele izindawo ezehlukene uNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uSihlalo, uMnuz Gwede Mantashe, kanye namalungu esigungu esiphezulu.
Ngokwejwayelekile iJanuwari 8 iyaye ibe senkundleni yezemidlalo enkulu, kepha kulo nyaka i-ANC ikhethe ukuyiyisa enkundleni encane.
IKhayelitsha Stadium okuzoba kuyo umcimbi wanonyaka ingena abantu abangu-2 000.
UMashatile uthe baqoke le nkundla ngenxa yokuthi abafuni ukuthi umcimbi uhlezi uba sendaweni efanayo.
“Njengoba nazi ukuthi umcimbi uhlezi uba sezindaweni ezahlukene, ubulokhu uba kwezinye izifundazwe, kulo nyaka yithuba leWestern Cape. Nakhona lapha eWestern Cape bekufanele ukuthi senze isiqiniseko sokuthi umcimbi awenzelwa endaweni osuke wenzelwa kuyo phambilini.”
UMashatile uthe likhulu isasasa ebantwini abathembisa ukuthi bazoba ingxenye yomcimbi wangeSonto.
Lena kuzokuba iJanuwari 8 yokuqala kusukela i-ANC yehluleka ukunqoba ukhetho.
Okokuqala emlandweni kusukela elakuleli lathola inkululeko, i-ANC yehluleka ukunqoba ngamalengiso ukhetho njengoba yathola u-40%.
Njengamanje i-ANC ibusa ngokubambisana namanye amaqembu ayishumi.
UMengameli Cyril Ramaphosa, kulindeleke ukuthi achazele amalungu e-ANC ngokwabenza basungula uhulumeni wokubambisana uma esethula inkulumo emcimbini wangeSonto.