UMSAKAZI owaziwa kakhulu ohlelweni lwesithembu, Uthando Nesithembu ufuna bangasali ngaphandle nabesifazane basemakhaya ezinhlelweni zokuthuthukiswa ezinikwa abesifazane basemadolobheni.
UNkk Thobile MaKhumalo ubengomunye wabesifazane abebehambele umcimbi wokubungaza usuku lwabesifazane obubanjelwe ehholo lomphakathi (iNkandla Indoor Sports Centre) ngoLwesihlanu.
UMaKhumalo uthe uthole ukuthi kunemizi eminingi kule ndawo elawulwa izingane nabesifazane kuphela, nokwenza umthwalo ubengaphezulu kwamandla kubo. Uthe lokhu kwenza abesifazane abaningi bagcine bengasazi kahle okuwumsebenzi wabo ekwakheni ikhaya.
"Zinkulu kakhulu izingqinamba ezibhekene nabesifazane. Kuhlala kubukeka sengathi abasemadolobheni kuphela abahlukumezekile ngenxa yemicimbi eminingi eyenziwa khona," kusho uMaKhumalo.
Ubuye weluleka bona abesifazane ukuthi yize zikhona izinkinga kodwa bakwazi ukuzikhalima, bangabi yingxenye yokungajabuli kwabo emakhaya.
Uthe ngesinye isikhathi kubuye kuzwakale engathi ulwa nabalwela amalungelo abesifazane uma eveza ukuthi nabesifazane bakhona abanesandla ekutheni ziqhubeke lezi zinkinga.
"Ngesinye isikhathi yithina abesifazane abashoshozela izinkinga ngolimi lwethu. Ulimi luncane kodwa luyalibhubhisa izwe. Ukuzohlangana sodwa akusho ukuhleba nokugxeka abesilisa kuphela kodwa siyahlomisana sikhulisane ngolwazi, kodwa singakhohlisani," kusho uMaKhumalo.
Ukhuthaze abesifazane ukuthi bakubeke eqhulwini ukuzithoba nokuhlonipha emishadweni yabo, bazame ukulungisa izinto ngendlela enenhlonipho.
Ephetha, uthe imicimbi yokuhlomisa abesifazane akumele nje kube yinto eyenzelwa ukubhekelela omtakabani kodwa nasemakhaya kumele babhekelelwe omama.
IPhini leMeya kuMasipala waseNkandla, uNkk Nonhlanhla Nzuza uveze ukuthi kule ndawo izindawo eziningi zigcwele omama abangabafelokazi nabangasebenzi.
Uthe ukulahla ithemba kungaba lula kakhulu kulaba besifazane uma zingenziwa izinhlelo zokubacobelela ngolwazi ngezindlela zokuphila okubalwa nokuzithuthukisa ngamabhizinisi.