UBHOBOKE ngokuhlukumezeka nokuncishwa ucansi kwakhe emendweni unkosikazi welungu lePhalamende obekuthiwa udukile.
UNkk Simenyiwe MaDlomo Zondo, ogane ilungu le-IFP, uMnuz Sanele Zondo, ugeqe amagula kwi-Instagram ngezinkinga abhekene nazo emshadweni wakhe athi ubesenezinyanga ezine kuphela ekuwo.
UNkk Zondo wenze izinsolo zokuthi umyeni wakhe uyamshaya, akamnaki, nokuthi ufuna ukuthatha unkosikazi wesithathu okuthiwa uzomlobola ngenyanga ezayo njengoba sekuphume nosuku lomcimbi.
UNkk Zondo wenza le nkulumo nje, izolo bese kuphele izinsuku ezinhlanu kubikwe ukuthi udukile. UZondo nabakwaDlomo bathi bagcina ukuxhumana naye ngoLwesihlanu.
Izolo, uNkk Zondo uveze ukuthi izinto ziqale ukuba muncu kubuya unkosikazi omdala owayesehambile.
Uthe ngesikhathi egana umyeni wakhe wamtshembisa izulu nomhlaba kodwa esefika emzini izinto zashintsha.
Uthi ubemhlukumeza, wathi wake wamshaya waze wabulala ngisho iselula yakhe.
“Umbhede ebengilala kuwo ubufile phakathi nendawo, mina ngigana wayethe ekhaya uzongakhela indlu kodwa ngafika ngangena endlini karondo engiyifanisa nehhoko lezinkukhu. Ucingo bengingenalo, ngathi ngimcela ukuthi angithengele wathi uzokwenza lokho. Kukhona isikhathi la abengasanginiki khona ngisho imali yokuthenga ukudla. Lo muntu wangiyekisa ukudayisa kanjalo nokufuna umsebenzi,” kubeka uNkk Zondo.
Uthe esigamekweni angeke asikhohlwe ila aya khona ngenkani endlini uZondo alala khona yedwa ngoba sekukudala alugcina ucansi.
“Ngashada naye mina ngiyintombi nto. Ngafike ngangena engubeni wangangenza lutho kodwa ngaba nethemba lokuthi ekuseni kukhona okuzokwenzeka. Kwathi ngezithuba zehora lisihlanu kwakhala ucingo lwakhe nokwathi eqeda kuluphendula wathi angiphume endlini yakhe. Ngazama ukuziba nokuyilapho angishaya khona waze wangikhipha ngomnyango. Ngamtshela ukuthi ngiya emaphoyiseni, uZondo wagijima kuqala waya emaphoyiseni, wawatshela ukuthi ngimshayile,” kuchaza yena.
UNkk Zondo uthe icala lagcina lingavulwanga njengoba udaba baluxoxa lwaphela.
Muva nje, uthi uNkk Zondo uthe uhamba ezwa ngabantu ukuthi umyeni wakhe umhlukumeza kanjena nje ingoba efuna ukuthatha unkosikazi wesithathu.
“Nginezinyanga ezine ngishadile. Ngicela ukubuza ukuthi wake welanywa yini umuntu onezinyanga ezine eshadile?”
Ngale kokuba yilungu lePhalamende, uZondo uphinde abe usihlalo wophiko lwentsha kwi-IFP, i-IFP Youth Brigade.
UNkk Zondo uthe umyeni wakhe akafanelwe ukuphatha isikhundla esingaka.
“Uma mina ngizokuba nendoda ewumholi eyazi ukuthi umfazi uyashaywa, nithi akathini entsheni? Ayihole athini? Intsha le esikhuluma ngayo, ikusasa lesizwe? Abantu abasha ibona abazokuba abaholi bakusasa. Uma nithi abantu abasha abaholwe umuntu owazi ukuthi umfazi uyahlukunyezwa, uyashawa, akondliwa, nithi akathini entsheni?”
UNkk Zondo uveze ukuthi umyeni wakhe ubenqaba ukumondla, emnqabela ukuthi asebenze, nokuthi wehluleka ukufeza isethembiso sokumakhela umuzi.
Ubaba kaNkk Zondo, uMnuz Nkosinathi Dlomo, unqabile ukuphawula ngalolu daba, wathi ufuna ukuthi kube nomhlangano wemindeni.
UZondo yena uthe uzobiza isithangami nabezindaba, lapho athe khona uzophawula khona ngalolu daba.