“AMAHOLIDI omkhosi wePhasika aziwa njengesikhathi sokuhlangana emahlelweni ezinkonzo ezahlukene. Kukhonzwe bese kuyahlukwana kanjalo nje sigcine singabanga bikho isikhathi sokuthi abantu bajabule nemindeni yabo, lokho okwenze ngabona kukuhle ukuthi ngenze into ehlukile ezozama ukuvala lelo gebe ebantwini.”
Usho kanjalo umhleli wemicimbi uNkk Nompumelelo Msomi, elandisa ngokwenze wahlela umcimbi azobe eqala ukuwenza nonyaka, i-Gospel In The Parks Family Day, ozokuba seSunkist Lawns, eNorth Beach, eThekwini ngo-Ephreli 21 ngo-10 ekuseni kuya ku-7 kusihlwa.
Uthe okuhle nokuhlabahlosile ngalo mcimbi wukuthi uzobe ungowedili lomculo wokholo elingahambi lodwa kepha elizogaba nangemidlalo ehlukene eyenzelwe izingane kwabazofika nazo baziyeke zidlale ngokukhululeka. Bona bebe beqhubeka bedumisa uNkulunkulu ngendumiso yomculo wokholo wamaciko ehlukene azobe ekhona.
“Lokho ngikwenzele ukuthi ukuqeda le nto yokuthi uma kungamaholidi ePhasika sigcine sihlangane nemindeni yethu ezinkonzweni kuphela njengoba sibone kuhlale kwenzeka. Kangangokuthi lo Msombuluko oba emva kwempelasonto yePhasika ugcine uzibeka uyiholidi elaziwa ngokuthi yi-Family Day, usuku okumele ngabe imindeni iyahlangana ngalo, ibe ndawonye futhi yenze izinto eziyijabulisayo,” usho kanje.
Emacikweni azobe eshiyelana inkundla kulo mcimbi wo-Ayanda Ntanzi, Andile KaMajola, Malusi Mbokazi, Babo Ngcobo, Pastor Sebeh Nzuza, Sneziey Msomi, Stha MaNyambose, Thandeka Dube, Sbongiseni Zikhali noNelisizwe. Uhlelo lomcimbi luyobe luphethwe wusomahlaya uSiyanda Maphumulo, noMthoko Ndlovu.
Amathikithi aseyatholakala eTicketPro nasezitolo zoSpar ngoR50 umuntu emunye, kube wuR200 abantu abayisithupha noR100 i-coolerbox.
“Ngenze ngamabomu nokuthi inani lamathikithi libe phansi kanjena ngoba ngiyabona ukuthi sekuseduze ukuthi usuku lomcimbi lufike, nokuthi bengifuna ukuthi abantu bafike ngobuningi babo njengoba ngibheke ukuhlanganisa abantu abawu-2 000 ukuzojabula nathi emcimbini. Kanti okunye okuhle wukuthi kwabazofika nezingane ezingaphansi kweminyaka emithathu zizongena mahhala. Nginethemba lokuthi konke kuzohamba kahle okuzokhuthaza ukuthi ngiwuqhube minyaka yonke ngoba ngibona ubalulekile kakhulu,” kusho uNkk Msomi.