UFUNGISWE maqede wayokwanga umkakhe washaya nesinqandu uMengameli Cyril Ramaphosa ngoLwesithathu ezindlini zoMbuso ePitoli.
Kudume ihlombe ngesikhathi uRamaphosa obeqeda ukuzibophezela ukuthi uzohlonipha yonke imithetho yezwe ngesikhathi efungiswa yinhloko yamaJaji kuleli uRaymond Zondo, efika kunkosikazi wakhe uDkt Tshepo Ramaphosa, wafike wamanga, wambamba ngesandla wase emqabula.
Lo mcimbi ubuhanjelwe izinkumbi zabantu bakuleli, abebelokhu befike ekuseni bequngela amakhaza abeshubisa umnkantsha.
Kuthe kungaphakama ilanga zaqala ukutheleka izicukuthwane ebezithamele umcimbi wokugcotshwa kukaRamaphosa.
Phakathi kwabantu abebekhona kubalwa ababengomengameli bezwe lakuleli, abebekhashwe amakhosikazi abo.
Abebekhona kubalwa oMnuz Thabo Mbeki, Kgalema Motlanthe kanjalo nababengamaphini omengameli okubalwa oMnuz David Mabuza, Paul Mashatile, Nkk Phumzile Mlambo-Ngcuka, uSomlomo wePhalamende uNkk Thoko Didiza obehamba nowakwakhe kanjalo nowayenguSomlomo uNksz Baleka Mbete.
Bekuhlangene nemihlathi eyalanayo njengoba bekukhona abaholi bamaqembu ahlukene ezepolitiki, amalungu ePhalamende, oNdunankulu bezifundazwe, amakhosi ahlukene okubalwa neSilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini, iNgonyama yaseSwatini uMswati III, nabaholi bamazwe ase-Afrika okubalwa owaseZimbabwe uMnuz Emmerson Dambudzo Mnangagwa, owaseNamibia uMnuz Nangolo Mbumba, owaseBurundi uMnuz Gervais Ndirakobuca nePhini likaMengameli waseCuba uMnuz Salvador Mesa, nabanye.
Umholi we-EFF uMnuz Julius Malema ubengekho njengoba ehamba icala lokuqhumisa isibhamu e-Eastern Cape elenzeka ngesikhathi leli qembu ligubha iminyaka emihlanu.
Amalungu eqembu eliholwa owayengumengameli wezwe uJacob Zuma, Umkhonto weSizwe, abevele ekuvezile ukuthi ngeke awuhambele lo mcimbi.
UZuma selokhu akhishwa ekuholeni izwe akakaze ayihambele imicimbi yokugcotshwa kukaRamaphosa.
Okhulumela iMK uMnuz Nhlamulo Ndhlela, utshele Isolezwe ukuthi bebengeke bawuhambele lo mcimbi ngoba babuthatha njengento engekho ubuholi bukaRamaphosa.
Ukhale ngokuthi kwaba nomkhonyovu emiphumeleni yokhetho ngakho bebengeke bathamele ukufungiswa komuntu ongeyena umengameli.
Umphakathi ujabulele umculo wamaciko ahlukene okubalwa uSjava, ama-piano njengoba bekukhona noDJ Maphorisa noYoung Stunna, umculo weMzansi National Philharmonic Orchestra. Abanye abekebhona kubalwa uKabza D Small, DJ Lamiez, PJ Powers, Vicky Sampson noMakhadzi.