UDINGA ozomtakula ezidakamizweni uSifiso “Ndishi” Manana, ozisola ngokubulala ikusasa ngoba waziwa esaseyinjini yaseswini ezinkulisa zebhola ezehlukene. Phakathi kwezinkulisa acijwe kuzona uManana, kubalwa eyaMaZulu, eyeMaritzburg City, neyeBloemfontein Celtic.
UNdishi (34), odabuka eSub 5 eClermont, kodwa oke wahlala naseMbali, usephenduke umhambuma emigwaqweni yaseThekwini.
Echaza ngokuzithola eseyiphara, uNdishi uthe waxoshwa ebholeni futhi waphelelwa yindawo yokuhlala kubo emuva kokuntshontshela amalungu omndeni. Uthe ungene ezidakamizweni emuva kokujola nentokazi yekhaladi eyamqoma esedlalela iCeltic ngo-2002.
Echaza ngokucwila ezidakamizweni ubeke kanje:"Lo muntu wesifazane wagcina esengicela kwi-fitness coach yesifazane yeqembu ukuba ngizomhlalisa kubo ngoba usele yedwa. Ubengithatha impelasonto yonke uma singenayo imidlalo angidlise izidakamizwa. Lokho kwakungenza ngibambeke ngize ngifike ngoLwesibili."
Uthe intokazi, esiligodlile igama layo ngoba asiyitholanga ukuba iziphawulele, imfundise izidakamizwa ezinjenge-cocaine, ecstacy nenyaope.
UNdishi uthe babanjwa nabanye abadlali ukuthi bazitika ngezidakamizwa.
"Owayengumqeqeshi wethu wangikhulumela naMaZulu ukuba ngiyodlala kuwo ngoba wayechazekile yikhono lami. Ngafika enkulisa yaMaZulu ngadlala ngaphansi komqeqeshi uJoel Faya."
Uthe nakhona kwabuye kwamvuka ukuthi useyazazi izidakamizwa.
"Nakhona ngaqala ukuntshontsha izidakamizwa, ngagcina ngingasakwazi ukujima nokuya emdlalweni. Kunokuthi bangixoshe, ngabona kungcono ukuthi ngizihambele."
Uthe kwababuhlungu kuye ukuhlukana nomdlalo webhola ngoba iyona yinto ayeyazi. Eqhuba uthe ubuyele kubo kodwa waxoshwa khona, okuyikho okumenze wagcina esegxila ezidakamizweni ngoba ubesengundingasithebeni.
Uthe angakujabulela ukunikezwa ithuba lokuhambela izikole aqwashise ngobubi bezidakamizwa futhi asize nabadlali abasacathula ebholeni.
UNdishi ufunde eVezamafa Primary, eZakhele Primary kwathi u-matric wawenza eLanga High, KwaDabeka kodwa wafeyila. Uthe ubuye wenza izifundo zeTourism eLangeni TVET College, ePinetown kodwa wangahlala isikhathi eside.
Uqale ukugijima kwezikanobhutshuzwayo kwiSilver Spurs, Masters, Young Mates, nakwiClermont United.
Uthe wajoyina iCeltic, ngemva kokubona kwelinye iphephandaba laseGoli, elibhala ngebhola ukuthi kwakunenhlolokhono. Abadlali ake agijima nabo ngoKermit Erasmus (Celtic), Sphelele Mthembu (City), Japhet Zwane (AmaZulu), Andile Jali (Celtic) noBrilliant Khuzwayo (AmaZulu).
Esakhula wayefuna ukudlalela iKaizer Chiefs kodwa wagcina esehalela iMamelodi Sundowns. Phakathi kwabadlali akhule ebukela kubo, ubale uJabu Mahlangu, noScara Ngobese.
Uthe abangakwazi ukumsiza bangaxhumana noMP Da Bee, weMPtv eCity Life, esemgwaqweni uJoseph Nduli, noma ku-071 281 7509.